Ngokuba umzimba awusiso isitho sinye kodwa eziningi. Uma unyawo luthi: “Lokhu ngingesiso isandla, angisikho okomzimba,” nokho luyikho okomzimba. Noma indlebe ithi: “Lokhu ngingesilo iso, angisikho okomzimba,” nokho iyikho okomzimba. Uma umzimba wonke ubuyiso, ukuzwa ngabe kuphi na? Uma wonke ubungukuzwa, ukunuka ngabe kuphi na? Kepha kalokhu uNkulunkulu umisile izitho zonke, yileso naleso emzimbeni ngokuthanda kwakhe. Uma kambe zonke ziyisitho sinye, umzimba ngabe uphi na? Kepha kalokhu izitho ziningi, kodwa umzimba munye. Iso alinakusho esandleni ukuthi: “Angikudingi;” nekhanda futhi alinakusho ezinyaweni ukuthi: “Anginidingi.”
Funda 1 kwabaseKorinte 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kwabaseKorinte 12:14-21
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo