1 iziKronike 27

27
Izinduna zempi nezezizwe. Ababonisi bengcebo namazwe enkosi. Ezinye izinduna
1Nampa abantwana bakwa-Israyeli ngomumo wabo, izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zabo ezazikhonza inkosi kukho konke okwezigaba, ezazingena, ziphuma inyanga ngenyanga ezinyangeni zonke zomnyaka; kuleso naleso sigaba zazikhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 2 Phezu kwesigaba sokuqala ngenyanga yokuqala kwakunguJashobehamu indodana kaZabidiyeli; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 3Wayengowabantwana bakwaPheresi, inhloko yazo zonke izinduna zempi ngenyanga yokuqala. 4 Phezu kwesigaba senyanga yesibili kwakunguDodayi umAhohi nesigaba sakhe; kwakukhona nombusi uMikiloti; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 5 Induna yesithathu yempi ngenyanga yesithathu kwakunguBenaya indodana kaJehoyada umpristi, inhloko; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 6Nguye lowo Benaya owayeyiqhawe labangamashumi amathathu nowayephezu kwamashumi amathathu; owesigaba sakhe kwakungu-Amizabadi indodana yakhe. 7 Eyesine ngenyanga yesine kwakungu-Asaheli umfowabo kaJowabe noZebadiya indodana yakhe emva kwakhe; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 8Eyesihlanu ngenyanga yesihlanu kwakunguShamhuti umJizirahi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 9Eyesithupha ngenyanga yesithupha kwakungu-Ira indodana ka-Ikheshi waseThekhowa; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 10Eyesikhombisa ngenyanga yesikhombisa kwakunguHelesi umPheloni wabantwana bakwa-Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 11 Eyesishiyagalombili ngenyanga yesishiyagalombili kwakunguSibekayi umHushati kumaZera; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 12Eyesishiyagalolunye ngenyanga yesishiyagalolunye kwakungu-Abiyezeri umAnathoti wabakwaBenjamini; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 13Eyeshumi ngenyanga yeshumi kwakunguMaharayi waseNethofa kumaZera; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 14Eyeshumi nanye ngenyanga yeshumi nanye kwakunguBenaya umPirathoni wabantwana bakwa-Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane. 15Eyeshumi nambili ngenyanga yeshumi nambili kwakunguHelidayi waseNethofa ka-Otheniyeli; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
16Phezu kwezizwe zakwa-Israyeli kwakuyilaba: kwabakwaRubeni u-Eliyazeri indodana kaZikiri wayengumbusi; kwabakwaSimeyoni nguShefathiya indodana kaMahakha; 17kuLevi nguHashabiya indodana kaKemuweli; ku-Aroni nguSadoki; 18kuJuda ngu-Elihu wabafowabo bakaDavide; ku-Isakare ngu-Omri indodana kaMikayeli; 19kuZebuloni ngu-Ishmaya indodana ka-Obadiya; kuNafetali nguJeremoti indodana ka-Aziriyeli; 20kubantwana bakwa-Efrayimi nguHosheya indodana ka-Azaziya; enxenyeni yesizwe sakwaManase nguJoweli indodana kaPhedaya; 21enxenyeni kaManase wakwaGileyadi ngu-Ido indodana kaZakariya; kuBenjamini nguJahasiyeli indodana ka-Abineri; 22kuDani ngu-Azareli indodana kaJerohamu. Yilabo ababe yizinduna zezizwe zakwa-Israyeli.
23 Kepha uDavide akabalanga umumo waba neminyaka engamashumi amabili nabangaphansi, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakwandisa u-Israyeli ukuba abe ngangezinkanyezi zezulu. 24 UJowabe indodana kaSeruya waqala ukubala, kepha akaqedanga; kwaba khona ulaka ngalokho phezu kuka-Israyeli, nomumo awufakwanga encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.
25U-Azimaveti indodana ka-Adiyeli wayephethe ingcebo yenkosi; uJonathani indodana ka-Uziya wayephethe izinto emasimini, nasemizini, nasemizaneni, nasezinqabeni; 26u-Eziri indodana kaKelubi wayephethe abenza umsebenzi wasendle wokulima umhlabathi; 27uShimeyi waseRama wayephethe izivini; uZabidi waseShefamu wayephethe iwayini elibekelelweyo lithathwe ezivinini; 28uBali Hanani umGederi wayephethe iminqumo nemikhiwane eyayisehlanzeni; uJowashi wayephethe imigodi yamafutha; 29imihlambi eyayiklaba eSharoni yayiphethwe nguShitirayi umSharoni, nemihlambi eyayisezigodini yayiphethwe nguShafati indodana ka-Adilayi; 30u-Obili wakwa-Ishmayeli wayephethe amakamela; uJehedeya umMeronoti wayephethe izimbongolo; 31uJazizi umHagiri wayephethe izimvu. Bonke labo babe yizinduna zemfuyo yenkosi uDavide.
32UJonathani, uyisekazi kaDavide, wayengumluleki, wayengumuntu ohlakaniphileyo nombhali; uJehiyeli indodana kaHakimoni wayenamadodana enkosi; 33 u-Ahithofeli wayengumluleki wenkosi; uHushayi umArki wayengumngane wenkosi; 34 emva kuka-Ahithofeli kwakunguJehoyada indodana kaBenaya no-Abiyathara; uJowabe wayeyinduna yempi yenkosi.

Okuqokiwe okwamanje:

1 iziKronike 27: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume