1 iziKronike 24

24
Izigaba zabapristi nezamaLevi
1Nazi izigaba zamadodana ka-Aroni: amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari. 2 Kepha oNadabi no-Abihu bandulela uyise ukufa, bengenabantwana; ngalokho o-Eleyazare no-Itamari kuphela babe ngabapristi. 3 ODavide, noSadoki wamadodana ka-Eleyazare, no-Ahimeleki wamadodana ka-Itamari babahlukanisa ngezigaba zabo njengenkonzo yabo. 4Kwafunyaniswa emadodaneni ka-Eleyazare amadoda amaningi ayizinhloko kunasemadodaneni ka-Itamari; bahlukaniswa kanje: emadodaneni ka-Eleyazare kwakukhona abayishumi nesithupha abayizinhloko zezindlu zawoyise, nasemadodaneni ka-Itamari babe yisishiyagalombili njengezindlu zawoyise. 5Bahlukaniswa ngenkatho, laba nalaba, ngokuba kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu emadodaneni ka-Eleyazare nasemadodaneni ka-Itamari.
6UShemaya, indodana kaNethaneli, umbhali ongowamaLevi, wabaloba phambi kwenkosi, nezikhulu, noSadoki, nezikhulu, noSadoki umpristi, no-Ahimeleki indodana ka-Abiyathara, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi; enye indlu yawoyise yakhishelwa u-Eleyazare, nenye yakhishelwa u-Itamari.
7Inkatho yokuqala yadla uJehoyaribi, neyesibili uJedaya, 8neyesithathu uHarimi, neyesine uSehorimi, 9neyesihlanu uMalikhiya, neyesithupha uMijamini, 10 neyesikhombisa uHakhosi, neyesishiyagalombili u-Abiya, 11neyesishiyagalolunye uJeshuwa, neyeshumi uShekaniya, 12neyeshumi nanye u-Eliyashibi, neyeshumi nambili uJakimi, 13neyeshumi nantathu uHupha, neyeshumi nane uJeshebeyabe, 14neyeshumi nanhlanu uBiliga, neyeshumi nesithupha u-Imeri, 15neyeshumi nesikhombisa uHeziri, neyeshumi nesishiyagalombili uHaphisesi, 16neyeshumi nesishiyagalolunye uPhethahiya, neyamashumi amabili uJehezekeli, 17neyamashumi amabili nanye uJakini, neyamashumi amabili nambili uGamuli, 18neyamashumi amabili nantathu uDelaya, neyamashumi amabili nane uMahaziya.
19Lezo zaziyizigaba zabo njengenkonzo yabo ukuba bangene endlini kaJehova njengomthetho ababewunikwe ngesandla sika-Aroni uyise, njengalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ebemyalile.
20Abaseleyo emadodaneni kaLevi babe yilaba: emadodaneni ka-Amramu nguShubayeli; emadodaneni kaShubayeli nguJehedeya. 21KuRehabiya: emadodaneni kaRehabiya: nguJishiya inhloko. 22KumaJisihari: nguShelomoti; emadodaneni kaShelomoti: nguJahati. 23 Amadodana kaHebroni: nguJeriya inhloko, no-Amariya owesibili, noJahaziyeli owesithathu, noJekameyamu owesine. 24Amadodana ka-Uziyeli: nguMika; emadodaneni kaMika: nguShamiri. 25Umfowabo kaMika: nguJishiya; emadodaneni kaJishiya: nguZakariya. 26Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi; amadodana kaJahaziya: nguBeno. 27Amadodana kaMerari: ngoJahaziya, noBeno, noShohamu, noZakuri, no-Ibiri. 28KuMaheli: ngu-Eleyazare, owayengenabantwana. 29KuKishi, kungamadodana kaKishi: nguJerameli. 30Amadodana kaMushi: ngoMaheli, no-Edere, noJerimoti. Yilabo ababe ngamadodana amaLevi ngezindlu zawoyise. 31 Nalabo benza inkatho njengabafowabo, amadodana ka-Aroni, ebusweni bukaDavide inkosi, noSadoki, no-Ahimeleki, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi, inhloko yawoyise njengomfowabo omncane.

Okuqokiwe okwamanje:

1 iziKronike 24: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo