1 iziKronike 2

2
Amadodana kaJakobe, nakaJuda, nakaHesironi, nakaKalebi
1 Nanka amadodana ka-Israyeli: oRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni, 2noDani, noJosefa, noBenjamini, noNafetali, noGadi, no-Asheri.
3 Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela; labo abathathu bazalwa nguye kuBati Shuwa, umKhananikazi. Kepha u-Eri, izibulo likaJuda, wayemubi emehlweni kaJehova; wambulala. 4 UTamari umalokazana wakhe wamzalela oPheresi noZera. Onke amadodana kaJuda ayeyisihlanu.
5 Amadodana kaPheresi: ngoHesironi noHamule. 6Amadodana kaZera: ngoZimri, no-Ethani, noHemani, noKalikoli, noDara, eyisihlanu onke. 7 Amadodana kaKarmi: ngo-Akari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo. 8Amadodana ka-Ethani: ngu-Azariya. 9Amadodana kaHesironi awazalelwayo: ngoJerameli, noRamu, noKelubayi. 10 URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabantwana bakwaJuda; 11uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBowazi; 12uBowazi wazala u-Obede; u-Obede wazala uJese.
13 UJese wazala izibulo lakhe u-Eliyabi, no-Abinadaba owesibili, noShimeya owesithathu, 14noNethaneli owesine, noRadayi owesihlanu, 15no-Osemi owesithupha, noDavide owesikhombisa; 16 odadewabo: ngoSeruya no-Abigayili. Amadodana kaSeruya: ngo-Abishayi, noJowabe, no-Asaheli, emathathu. 17 U-Abigayili wazala u-Amasa; uyise ka-Amasa wayenguJetheri umIshmayeli.
18UKalebi indodana kaHesironi wazala ku-Azuba umkakhe nakuJeriyoti; amadodana akhe: ngoJesheri, noShobabi, no-Aridoni. 19 Wafa u-Azuba; uKalebi wathatha u-Efrati, owamzalela uHure. 20 UHure wazala u-Uri; u-Uri wazala uBesaleli.
21Ngasemuva uHesironi wangena kuyo indodakazi kaMakiri uyise kaGileyadi; wamthatha eseneminyaka engamashumi ayisithupha; wamzalela uSegubi. 22 USegubi wazala uJayire, owayenemizi engamashumi amabili nantathu ezweni lakwaGileyadi. 23 OGeshuri no-Aramu babaphuca imizi kaJayirem, kanye neKhenati nemizi yalo, imizi engamashumi ayisithupha. Bonke labo babe ngamadodana kaMakiri uyise kaGileyadi.
24Emva kokuba esefile uHesironi eKalebi Efratha, u-Abiya, umkaHesironi, wamzalela u-Ashuri uyise kaThekhowa.
25Amadodana kaJerameli, izibulo likaHesironi, ayenguRamu izibulo, noBuna, no-Oreni, no-Osemi, no-Ahiya. 26UJerameli wayenomunye umfazi ogama lakhe lalingu-Athara; wayengunina ka-Onamu. 27Amadodana kaRamu, izibulo likaJerameli, ayengoMahasi, noJamini, no-Ekheri. 28Amadodana ka-Onamu ayengoShamayi noJada; amadodana kaShamayi: ngoNadabi no-Abishuri. 29Igama lomka-Abishuri lalingu-Abihayili; wamzalela o-Ahibani noMolidi. 30Amadodana kaNadabi: ngoSeledi no-Aphayimi; kepha uSeledi wafa engenabantwana. 31Amadodana ka-Aphayimi: ngu-Ishi; amadodana ka-Ishi: nguSheshani; amadodana kaSheshani: ngu-Ahilayi. 32Amadodana kaJada umfowabo kaShamayi: ngoJetheri noJonathani; uJetheri wafa engenabantwana. 33Amadodana kaJonathani: ngoPheleti noZaza. Labo babe ngamadodana kaJerameli. 34Kepha uSheshani wayengenamadodana, enamadodakazi odwa. USheshani wayenenceku, eyaseGibithe, egama layo lalinguJariha. 35USheshani wanika uJariha inceku yakhe indodakazi yakhe ibe ngumkakhe; wamzalela u-Athayi. 36U-Athayi wazala uNathani; uNathani wazala uZabadi; 37uZabadi wazala u-Efilali; u-Efilali wazala u-Obede; 38u-Obede wazala uJehu; uJehu wazala u-Azariya; 39u-Azariya wazala uHelesi; uHelesi wazala u-Eleyasa; 40u-Eleyasa wazala uSisamayi; uSisamayi wazala uShalumi; 41uShalumi wazala uJekamiya; uJekamiya wazala u-Elishama.
42Amadodana kaKalebi umfowabo kaJerameli: nguMesha izibulo lakhe, owayenguyise kaZifi, namadodana kaMaresha, uyise kaHebroni. 43Amadodana kaHebroni: ngoKora, noTaphuwa, noRekemi, noShema. 44UShema wazala uRahamu uyise kaJorikeyamu; uRekemi wazala uShamayi. 45Indodana kaShamayi: nguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBeti Suri.
46U-Efa, isancinza sikaKalebi, wazala oHarana, noMosa, noGazezi; uHarana wazala uGazezi. 47Amadodana kaJadayi: ngoRegemi, noJothamu, noGeshani, noPheleti, no-Efa, noShahafi. 48UMahakha, isancinza sikaKalebi, wazala oSheberi noThirihana. 49 Wazala noShahafi uyise kaMadimana, noSheva uyise kaMakibena, noyise kaGibeya; indodakazi kaKalebi yayingu-Akisa.
50Laba babe ngamadodana kaKalebi: amadodana kaHure izibulo lika-Efratha: nguShobali uyise kaKiriyati Jeharimi, 51noSalima uyise kaBetlehema, noHarefi uyise kaBeti Gaderi. 52 NoShobali uyise kaKiriyati Jeharimi wayenamadodana: nguHarowe nenxenye kaMenuhoti. 53Imindeni kaKiriyati Jeharimi yayingamaJetheri, namaPhuthi, namaShumati, namaMishirayiti; kubona kwavela amaSorati nama-Eshitawoli. 54Amadodana kaSalima: nguBetlehema, namaNethofa, no-Atharoti BetiJowabe, nenxenye yamaManahati, amaSori. 55 Imindeni yababhali ababehlala eJabesi: ngamaThirati, namaShimeyati, namaSukati. Labo babe ngamaKheni avela kuHamati uyise wendlu kaRekabi.

Okuqokiwe okwamanje:

1 iziKronike 2: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume