1 iziKronike 1

1
Okhokho abayishumi kusukela ku-Adamu kuze kube kuNowa. Amadodana kaNowa nabantwana bawo
1 O-Adamu, noSeti, no-Enoshe, 2noKhenani, noMahalalele, noJarede, 3no-Enoke, noMetushela, noLameka, 4 noNowa, noShemi, noHamu, noJafete.
5 Amadodana kaJafete: ngoGomere, noMagoge, noMadayi, noJavani, noThubali, noMesheke, noTirase. 6Amadodana kaGomere: ngo-Ashikenaze, noDifate, noThogarma. 7Amadodana kaJavani: ngo-Elisha, noTharishishi, noKitimi, noRodanimi.
8Amadodana kaHamu: ngoKushe, noMisirayimi, noPhuthi, noKhanani. 9Amadodana kaKushe: ngoSeba, noHavila, noSabita, noRama, noSabitheka. Amadodana kaRama: ngoSheba noDedani. 10UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni. 11UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi, 12namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti, namaKafitori.
13UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti, 14namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi, 15namaHivi, nama-Arki, namaSini, 16nama-Arvadi, namaSemari, namaHamati.
17Amadodana kaShemi: ngo-Elamu, no-Ashuri, no-Arpakishade, noLude, no-Aramu, no-Use, noHule, noGeteri, noMesheke. 18U-Arpakishade wazala uShela; uShela wazala u-Ebere. 19U-Ebere wazala amadodana amabili: igama lomunye lalinguPhelege,* ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo lalinguJokothane. 20UJokothane wazala o-Alimodade, noShelefe, noHasaramavete, noJera, 21noHadoramu, no-Uzali, noDikila, 22no-Ebali, no-Abimayele, noSheba, 23no-Ofiri, noHavila, noJobabi; bonke labo babe ngamadodana kaJokothane; 24 oShemi, no-Arpakishade, noShela, 25no-Ebere, noPhelege, noRehu, 26noSerugi, noNahori, noThera, 27 no-Abrama ongu-Abrahama. 28 Amadodana ka-Abrahama: ngo-Isaka no-Ishmayeli.
29 Lezi ziyizizukulwane zabo: izibulo lika-Ishmayeli uNebayoti, noKedari, no-Adibeli, noMibisamu, 30noMishima, noDuma, noMasa, noHadadi, noThema, 31noJeturu, noNafishi, noKhedema. Labo babe ngamadodana ka-Ishmayeli.
32 Amadodana kaKetura, isancinza sika-Abrahama: wazala oZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa. Amadodana kaJokishani: ngoSheba noDedani. 33Amadodana kaMidiyani: ngo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no-Elidaha. Bonke labo babe ngamadodana kaKetura.
34 U-Abrahama wazala u-Isaka. Amadodana ka-Isaka: ngo-Esawu no-Israyeli.
35 Amadodana ka-Esawu: ngo-Elifazi, noRehuweli, noJewushe, noJalamu, noKora. 36Amadodana ka-Elifazi: ngoThemani, no-Omari, noSefi, noGathamu, noKenazi, noThimna, no-Amaleki. 37Amadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza.
38Amadodana kaSeyiri: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana, noDishoni, no-Eseri, noDishani. 39Amadodana kaLothani: ngoHori noHomamu; udadewabo kaLothani wayenguThimna. 40Amadodana kaShobali: ngo-Aliyani, noManahati, no-Ebali, noShefi, no-Onamu. Amadodana kaSibeyoni: ngo-Aya no-Ana. 41Amadodana ka-Ana: nguDishoni. Amadodana kaDishoni: ngoHamrani, no-Eshibani, noJitrani, noKerani. 42Amadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, noJahakhani. Amadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana.
43Lawa angamakhosi abusa ezweni lakwa-Edomi, kungakabusi nkosi phezu kwabantwana bakwa-Israyeli: uBela indodana kaBeyori. Igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba. 44Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe. 45Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe. 46Wafa uHushamu; uHadadi, indodana kaBedadi, owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi, waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti. 47Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe. 48Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngaseMfuleni* waba yinkosi esikhundleni sakhe. 49Wafa uShawule; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe. 50Wafa uBali Hanani; uHadadi waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiPhahi; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi. 51Wafa uHadadi; abanumzane bakwa-Edomi kwakuyilaba: umnumzane uThimna, nomnumzane u-Aliya, nomnumzane uJeteti, 52nomnumzane u-Oholibama, nomnumzane u-Ela, nomnumzane uPhinoni, 53nomnumzane uKenazi, nomnumzane uThemani, nomnumzane uMibisari, 54nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu. Yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi.

Okuqokiwe okwamanje:

1 iziKronike 1: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo