1 iziKronike 18

18
Ukunqoba kukaDavide
1 Kwathi emva kwalokho uDavide wawashaya amaFilisti, wawahlula, walithatha iGati nemizana yalo esandleni samaFilisti.
2 Wanqoba noMowabi; abakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide, bathela intela.
3UDavide washaya noHadarezeri, inkosi yaseSoba ngaseHamati, ekuhambeni kwakhe ukuqinisa isandla sakhe ngasemfuleni u-Ewufrathe. 4 UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.
5Ama-Aramu aseDamaseku esefika ukumsiza uHadarezeri inkosi yaseSoba, uDavide wabulala kuma-Aramu abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili. 6UDavide wamisa amakhanda e-Aramu laseDamaseku; ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.
7UDavide wathatha izihlangu zegolide ezazisezincekwini zikaHadarezeri, waziletha eJerusalema. 8 EThibahati naseKhuni imizi kaHadarezeri, uDavide wathatha ithusi eliningi kakhulu uSolomoni enza ngalo ulwandle lwethusi, nezinsika nezitsha zethusi.
9Lapho uThowu inkosi yaseHamati ezwa ukuthi uDavide ushayile yonke impi kaHadarezeri inkosi yaseSoba, 10wathuma uHadoramu, indodana yakhe, enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yayilwile noHadarezeri, yamnqoba, ngokuba uHadarezeri wayelokhu elwa noThowu; wathuma izinhlobo zonke zezitsha zegolide nezesiliva nezethusi.
11Nalezo inkosi uDavide yayizingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide alisusa ezizweni zonke: ku-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa-Amoni, nakumaFilisti, nakuma-Amaleki.
12U-Abishayi, indodana kaSeruya, wabulala kwabakwa-Edomi esiGodini sikaSawoti, izinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili. 13 Wamisa amakhanda kwa-Edomi; bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.
Izinduna zikaDavide
14UDavide wabusa phezu kuka-Israyeli wonke, waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe. 15 UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi; uJehoshafati, indodana ka-Ahiludi, wayengumabhalana; 16uSadoki, indodana ka-Ahithubi, no-Abimeleki indodana ka-Abiyathara, babe ngabapristi; noShawusha wayengumbhali; 17 uBenaya, indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti; amadodana kaDavide ayengabokuqala ngasenkosini.

Okuqokiwe okwamanje:

1 iziKronike 18: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume