UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi: “Ngingubani, Jehova Nkulunkulu, nendlu yami iyini ukuba ungilethe kuze kube lapha na? Lokho kwakuyinto encane emehlweni akho, Nkulunkulu; usukhulumile ngendlu yenceku yakho isekude, wangibuka kungathi ngingumuntu ophakemeyo, Jehova Nkulunkulu. “UDavide angenezela ngokuthini kuwe ngodumo inceku yakho elwenzelweyo na? Wena uyayazi inceku yakho. Jehova, ngenxa yenceku yakho nanjengokwenhliziyo yakho wenzile konke lokho okukhulu ukuba kwaziswe bonke lobu bukhulu. “Jehova, akakho onjengawe, akukho Nkulunkulu ngaphandle kwakho njengakho konke esikuzwileyo ngezindlebe zethu. Yisiphi isizwe emhlabeni esinjengabantu bakho u-Israyeli, uNkulunkulu aya ukuzihlengela bona babe ngabantu bakhe, ukukwenzela igama ngezinto ezinkulu nezesabekayo ngokuxosha abezizwe ebusweni babantu bakho owabahlenga eGibithe, na? Ngokuba abantu bakho u-Israyeli wabenza babe ngabantu bakho kuze kube phakade, wena Jehova ube nguNkulunkulu wabo. “Manje, Jehova, izwi olikhulumile ngenceku yakho nangendlu yayo kuze kube phakade maliqiniswe, wenze njengokukhuluma kwakho. Maliqiniseke, libe likhulu igama lakho kuze kube phakade, ukuze kuthiwe: ‘UJehova Sebawoti unguNkulunkulu ka-Israyeli, yebo, uNkulunkulu ka-Israyeli,’ nendlu kaDavide inceku yakho iqinisiwe phambi kwakho.
Funda 1 iziKronike 17
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 iziKronike 17:16-24
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo