1 iziKronike 14

14
Isivumelwano sikaDavide noHiramu. Abafazi bakhe namadodana akhe. Ukunqotshwa kwamaFilisti
1 UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari,* nabakhi, nababazi ukuba bamakhele indlu. 2UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, ngokuba umbuso wakhe waphakanyiselwa phezulu ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.
3UDavide wathatha abanye abafazi eJerusalema, uDavide wazala amanye amadodana namadodakazi. 4 Nanka amagama abantwana ayenabo eJerusalema: oShamuvwa, noShobabi, noNathani, noSolomoni, 5noJibari, no-Elishuwa, no-Elipheleti, 6noNoga, noNefegi, noJafiya, 7no-Elishama, noBeyeliyada, no-Elifeleti.
8 AmaFilisti esezwile ukuthi uDavide ugcotshiwe ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli wonke, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide; uDavide wakuzwa, waphuma ukuwahlasela. 9AmaFilisti esefikile ukungenela isiGodi samaRefa, 10uDavide wabuza kuNkulunkulu, wathi: “Ngenyukele ukuhlasela amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?”
UJehova wathi kuye: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela esandleni sakho.”
11 Base benyukela eBali Pherasimi, uDavide wawachitha; uDavide wathi: “UNkulunkulu ufohlele izitha zami ngesandla sami njengokufohla kwamanzi.” Ngalokho baqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.* 12 Ashiya khona onkulunkulu bawo; uDavide wathi mabashiswe ngomlilo.
13 AmaFilisti abuye angenela isigodi. 14UDavide waphinda wabuza kuNkulunkulu; uNkulunkulu wathi kuye: “Ungenyuki emva kwawo; wagwegwesele, uwafikele malungana namajikijolo. 15Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, uphume impi, ngokuba uNkulunkulu uphumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.” 16UDavide wenza njengokumyala kukaNkulunkulu, bachitha impi yamaFilisti kusukela eGibeyoni kuze kube seGezeri.
17Igama likaDavide laphumela emazweni onke; uJehova wehlisela izizwe zonke ingebhe ngaye.

Okuqokiwe okwamanje:

1 iziKronike 14: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo