Ngokuba ngaba namahloni ukucela enkosini iviyo lamasosha nabamahhashi ukuba basisize ezitheni endleleni, ngokuba sakhuluma enkosini, sathi: Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfunayo; kepha amandla akhe nolaka lwakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo.
Ngakho sazila ukudla, sakhuleka kuNkulunkulu wethu ngalokho, wasincenga.