U-Ezra 8:22-23
U-Ezra 8:22-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nganginamahloni ukucela enkosini iviyo lamabutho, nagibele amahhashi, ukuze asivikele ezitheni endleleni, njengokuba sasiyitshelile inkosi ukuthi: “Isandla sikaNkulunkulu wethu siyabavikela abamfunayo, kodwa amandla akhe nentukuthelo yakhe kumelana nabo bonke abamhlubukayo.” Ngakho-ke sazila, samnxusa uNkulunkulu wethu ngalokhu, wakuzwa ukunxusa kwethu.
U-Ezra 8:22-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba nganginamahloni ukucela enkosini impi nabamahhashi ukuba basisize ezitheni zasendleleni, ngokuba sasikhulumile enkosini, sathi: “Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfunayo ukuba kube kuhle, kepha amandla akhe nentukuthelo yakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo.” Sase sizila-ke, sanxusa uNkulunkulu wethu ngalokho, wasizwa.
U-Ezra 8:22-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba ngaba namahloni ukucela enkosini iviyo lamasosha nabamahhashi ukuba basisize ezitheni endleleni, ngokuba sakhuluma enkosini, sathi: Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfunayo; kepha amandla akhe nolaka lwakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo. Ngakho sazila ukudla, sakhuleka kuNkulunkulu wethu ngalokho, wasincenga.