Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa; nginguJehova.
UMose wakhuluma kanje kubantwana bakwa-Israyeli, kepha abamlalelanga uMose ngenxa yobuhlungu bomoya nangenxa yobugqila obunzima.