1
NgokukaMathewu 7:7
IsiZulu 2020
“Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.
Qhathanisa
Hlola NgokukaMathewu 7:7
2
NgokukaMathewu 7:8
Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.
Hlola NgokukaMathewu 7:8
3
NgokukaMathewu 7:24
“Ngakho-ke yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo, eyakha indlu yayo phezu kwedwala.
Hlola NgokukaMathewu 7:24
4
NgokukaMathewu 7:12
Ngakho-ke kukho konke, ngisho nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaphrofethi.
Hlola NgokukaMathewu 7:12
5
NgokukaMathewu 7:14
Kepha isango lincane nendlela ingumngcingo eholela ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.
Hlola NgokukaMathewu 7:14
6
NgokukaMathewu 7:13
“Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, inkulu nendlela eholela ekubhujisweni; baningi abangena khona.
Hlola NgokukaMathewu 7:13
7
NgokukaMathewu 7:11
Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kangakanani-ke ukuba uYihlo osezulwini abaphe okuhle labo abacelayo kuye!
Hlola NgokukaMathewu 7:11
8
NgokukaMathewu 7:1-2
“Ningahluleli ukuze nani ningahlulelwa. Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho, nani niyakwahlulelwa ngakho, nangesilinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso.
Hlola NgokukaMathewu 7:1-2
9
NgokukaMathewu 7:26
Kodwa yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo esihlabathini.
Hlola NgokukaMathewu 7:26
10
NgokukaMathewu 7:3-4
“Kungani ubona uthi olusesweni lomfowenu, kepha ube ungaluboni ugongolo olusesweni lakho na? Ungasho kanjani kumfowenu uthi: ‘Ake ngikhiphe uthi olusesweni lakho;’ kube kukhona ugongolo kwelakho iso na?
Hlola NgokukaMathewu 7:3-4
11
NgokukaMathewu 7:15-16
“Xwayani abaphrofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo. Niyakubazi ngezithelo zabo. Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane ekhakhasini na?
Hlola NgokukaMathewu 7:15-16
12
NgokukaMathewu 7:17
Kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi uthela izithelo ezimbi.
Hlola NgokukaMathewu 7:17
13
NgokukaMathewu 7:18
Umuthi omuhle awukwazi ukuthela izithelo ezimbi, nomuthi omubi ngeke uthele izithelo ezinhle.
Hlola NgokukaMathewu 7:18
14
NgokukaMathewu 7:19
Yilowo nalowo muthi ongatheli izithelo ezinhle uyanqunywa, uphonswe emlilweni.
Hlola NgokukaMathewu 7:19
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo