1
UGenesise 11:6-7
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
UJehova wathi: “Bheka, bonke basizwe sinye nolimi lunye; yikho abaqala ngakho; manje abayikunqanyulelwa lutho abahlosa ukulwenza. Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye.”
Qhathanisa
Hlola UGenesise 11:6-7
2
UGenesise 11:4
Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”
Hlola UGenesise 11:4
3
UGenesise 11:9
Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele,* ngokuba uJehova wasanganisa khona ulimi lomhlaba wonke; wabahlakazela emhlabeni wonke.
Hlola UGenesise 11:9
4
UGenesise 11:1
Umhlaba wonke wawunolimi lunye nokukhuluma kunye.
Hlola UGenesise 11:1
5
UGenesise 11:5
UJehova wehla ukuba abone umuzi nombhoshongo okwakhiwa ngabantwana babantu.
Hlola UGenesise 11:5
6
UGenesise 11:8
Kanjalo uJehova wabahlakazela emhlabeni wonke, bephuma lapho; bayeka ukwakha umuzi.
Hlola UGenesise 11:8
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo