Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 139:14

Konke Engikudingayo
izinsuku ezintathu
Unkulunkulu uhambe phamba kwethu futhi uyasivikela ngemuva. Izimpi zethu usezinqobile. Uvikele abaphuphuthekile. Akamangazwa zinqinamba. Lokhu kuzinikela okugxile kwezinsuku ezi-3 kuzokushiya ukhuthazekile eqinisweni lokuthi uNkulunkulu ungumnikezi wesabelo esiqondile, isilinganiso esiqondile, sempilo yakho.

Umbono noMfundisi u-Craig Groeschel
izinsuku ezingu 5
Chazown-igama lesiHeberu elisho umbono, yilokho uNkulunkulu anakho engqondweni ngempilo yakho. Ukuthola i-chazown yakho qala ngokuhlola izindinganiso zakho eziyinhloko, izipho zomoya, nolwazi lwangaphambilini. Lolu hlelo luzokusiza ukuthi ukhombe izingqikithi ezijwayelekile, ulethe ukucaca ezintweni ozithandayo, futhi likuholele enjongweni uNkulunkulu anayo ngawe. Qala ukuhlela izinyathelo zakho ezilandelayo ekushisekeleni umbono kaNkulunkulu— umbono Yakhe—yempilo yakho namuhla!

Amakhrayoni aphukile Namanje Asenemibala
izinsuku ezingu 5
Izikhathi eziningi esikubona njengokuzisola kwethu okukhulu, ukwehluleka namaphutha kuba yilokho uNkulunkulu akusebenzisa kakhulu ezimpilweni zethu. UNkulunkulu uguqula ukuphuka kwethu kube into enhle kakhulu kunalokho esingakucabanga. Uthatha isiphithiphithi sethu futhi udale umsebenzi wobuciko. UNkulunkulu ungumdwebi futhi izimpilo zethu ziwuseyili Wakhe. Uzomvumela ukuthi adale ezingxenyeni eziphukile empilweni yakho? Kulolu hlelo lwezinsuku ezingu-5, uzofunda umbhalo futhi uqonde kangcono ukuthi amakhrayoni aphukile asenemibala kanjani

Ukuba Nenhliziyo KaMariya Emhlabeni KaMarta
izinsuku ezingu 5
Ngokuvamile sizizwa sengathi asenzi okwanele. Khona-ke sizizwa sinecala ngoba kufanele sibe nezikhathi zokuthula noNkulunkulu—kodwa uma sizama ukwehlisa ijubane, izinhliziyo zethu nezingqondo zethu zibamatasatasa. Indaba kaMariya noMarta isinika isiqondiso kanye nomusa kulesi simo. Yindaba yodade ababili. Yindaba yethu ngamunye.

Imigomo Yobudlelwano
izinsuku ezingu 5
Sesha i-#RelationshipGoals ezinkundleni zokuxhumana, futhi uzothola izithombe ezibonakala ziphelele zabashadile abathandanayo. Kodwa kuthiwani uma umbono wobudlelwano umphakathi wethu owuthengisayo ungamanga? Umfundisi uMichael Todd ubhale Izinjongo Zobudlelwane: Indlela Yokunqoba Ekujoleni, Umshado, kanye Nocansi mayelana nokuba nemigomo yobudlelwano evela kuNkulunkulu futhi ihambisane nalokho Asenze ukuba sibe yikho.

Ukukhombisa Uzwelo
izinsuku ezingu 5
Uzwelo lusivumela ukuthi sibone izidingo zabanye, futhi lulethe ithemba nokukhululeka ezimpilweni zabo. Ngokujwayelekile, singase sibhekane nobunzima bokubonisa uzwelo. Ngenhlanhla, sinesibonelo esihle: kulolu Hlelo. Sizobheka ukuthi iBhayibheli lithini ngozwelo, nokuthi singakhula kanjani kokwethu ukuze sibe izandla nezinyawo zikaJesu.

Inkambo Yangaphambi Komshado
Izinsuku ezi-5
Imishado eqinile ayivele izithuthukise. Ithemba lethu ukuthi uzothola izimo zengqondo, izindinganiso nemikhuba edingekayo ukwakha umshado onempilo noqinile oyohlala impilo yonke. Lolu hlelo lwezinsuku ezinhlanu luthathwe kwi-The Pre-Marriage Course eyenziwe nguNicky noSila Lee, ababhali beThe Marriage Book.

Vuka Ukhanye
izinsuku ezingu 5
Abantu bajwayele ukuthi, “Nika uNkulunkulu imithwalo yakho.” Uke uzibuze: Ngingakwenza kanjani lokho? Ukuphuka komhlaba kuzwakala kusinda kakhulu. Futhi njengoba ufisa ukukhanyisa ukukhanya kukaJesu, uyazibuza ukuthi lokho kubukeka kanjani uma uzama ukubona ukukhanya ngokwakho. Lesi sifundo sibheka ukuthi singaba kanjani izibani kuJesu noma umhlaba wethu uzwakala umnyama.

Ukunqoba Imicabango Yokuzibulala kanye Nokuzilimaza
Izinsuku ezi-6
Uma uzizwa ungenathemba, noma uke waba nemicabango yokuzilimaza noma yokuzibulala, udinga ukwazi ukuthi kukhona uNkulunkulu okuthandayo, onenjongo ngawe, futhi onawe manje. Lolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku eziyisithupha lwe-Life.Church luzokusiza ukuthi uqonde ukuthi uNkulunkulu uthi ungubani futhi lukunike amandla uhambo lwakho lokuphulukisa. ***Uma usesimweni esiphuthumayo, sicela uthinte othile. Izinsiza zifakiwe zezifundiso zosuku ngalunye.

Ukholo Olusebenzayo
Izinsuku ezi-6
Ungasebenza kanjani okholweni lwakho nsuku zonke? Ngezilingo nezinsizi zokuphila, kubalulekile ukuthi sibe abalungile ngokomzimba nangokomoya. Ithimba le-Active Faith Sports lenze lolu hlelo lokufunda ukuze likunikeze izindlela ezisebenzayo zokukhuthala okholweni lwakho nasekuqineni kwakho. amavidiyo wokufundisa anikezwe uTerry Williams we-League Elite Training Facility e-Houston, eTexas.

Ukuphila Kushintshile: Ukwamukela Ubunikazi
Izinsuku ezi-6
Njengoba amazwi amaningi esitshela ukuthi kufanele sibe ngubani, akumangazi ukuthi sinenkinga yokuziqonda ubuthina. Unkulunkulu akafuni sichazwe ngomsebenzi wethu, isimo somshado, noma amaphutha. Ufuna umbono Wakhe ube igunya eliphakeme kakhulu ezimpilweni zethu. Lolu hlelo lwezinsuku eziyisithupha luzokusiza ukuthi ufunde lokho iBhayibheli elikushoyo mayelana nokuthi ungubani futhi wamukele ngempela ubuwena kuKristu.

Phefumulela Intshiseko Yomoya Emshadweni Wakho
Izinsuku ezingu-7
Ithathwe encwadini yakhe entsha ethi "A Lifelong Love," uGary Thomas ukhuluma ngezinjongo zaphakade zomshado. Funda amathuluzi asebenzayo ukusiza ukwakha umshado wakho ube ubudlelwano obukhuthazayo, ukusabalalisa impilo engokomoya kwabanye.

Imithandazo Enesibindi
Izinsuku ezingu-7
Unkulunkulu muhle ngaso sonke isikhathi, kodwa lokho akusho ukuthi uhlala ephephile. Lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church lukhuthaza abafundi ukuthi bathandaze imikhuleko emithathu enesibindi: ngicinge, ngithume futhi ngaphule. Iba nesibindi sokuqala ukufunda namuhla, futhi impilo yakho izothatha inguquko esabekayo-enhle.

Imibuzo Engu-7 Ehlupha Imiqondo Yabantu abaningi
Izinsuku ezingu-7
Ingabe ukuba yindoda yangempela kusho ukuba nomndeni ophelele, ihhovisi elisekhoneni, imoto kanokusho, nomuzi omkhulu? Noma, ingabe kukhona okwengeziwe ekuphileni? Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-7 oluvela ku-John Woodall luzojula emibuzweni ofisa ukuxoxa ngayo nomngani omethembayo futhi likunikeze impendulo kaNkulunkulu kuleyo mibuzo.

Izinto Ezingu-7 IBhayibheli Elizishoyo Ngokukhathazeka
Izinsuku ezingu-7
Usuku nosuku lunamandla okwethula izinselelo ezintsha ezinzima ezimpilweni zethu. Kodwa ngokufanayo kungenzeka ukuthi usuku ngalunye olusha luzosipha amathuba amasha ajabulisayo. Kulolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa, amalungu e-YouVersion akusiza ukuthi usebenzise amaqiniso eZwi likaNkulunkulu kunoma yini obhekene nayo namuhla. Inkonzo yansuku zonke ihlanganisa nevesi lesithombe ukukusiza ukuthi wabelane ngalokho uNkulunkulu akhuluma ngakho kuwe.

Umoya Ongcwele: Ingabe Siyavutha Noma Asishi?
izinsuku ezingu-7
Kukhona amandla ashukumisayo, avusa ukufa ngaphakathi kuwe. Umvangeli uReinhard Bonnke ukubhalele izimfundiso eziqinile ngoMoya oNgcwele futhi ukubhalele Amaphuzu Ashukumisayo Wamandla kuMoya oNgcwele. Lesi Sifundo Sezinsuku Eziyisi-7 sizobekela inselele ukucabanga kwakho ngoMoya oNgcwele futhi sikukhuthaze ukuba ukholelwe emandleni amangalisayo kaMoya ongaphakathi kuwe.

Cabanga Ngezinto Ocabanga Ngazo
Izinsuku ezingu-7
Ingabe uke uvuke unesimo sengqondo esibi? Noma ube nokubhubuka kwemizwelo? Noma unake wonke amaphutha amancane ocabanga ukuthi unawo? Hhawu. Akumnandi. Kodwa uNkulunkulu akafuni siphile ngaleyo ndlela. Lolu Hlelo LweBhayibheli luzokusiza ufunde iqiniso kwabaseFilipi isahluko 4. Luzokusiza ucabange ngalokho ocabanga ngakho!

Ukuhlanza kobuKristu: Izinyathelo Ezilula Zokuphila Okuchichimayo
Izinsuku ezingu-7
Sonke siyazi ukuthi injongo yethu ekuphileni ayigoqiwe ekuqongeleleni izinto, ingcebo, amandla, nodumo—uJesu ukucacisile lokho—kodwa umphakathi usitshela okuhlukile. Ukuhlanza KobuKristu kuzama ukunqamula ekucabangeni kwethu kanye namanga omphakathi mayelana nokuthi impilo kufanele ibukeke kanjani futhi imema abafundi empilweni uJesu asibizela yona ukuba siyiphile: impilo ephilwa ngamabomu, engenayo imfuhlumfuhlu enyameni, engokomoya, nengokomzwelo.

Ukudla
Izinsuku ezingu-7
Ukudla kungaba isithixo njenganoma yini enye. Kungadla imicabango yakho, izimo zakho zengqondo, nezenzo zakho. Abanye abantu bakhonza ukudla ngokudla kakhulu, kanti abanye bakhulekela ukudla ngokungakudli ngokwanele. lolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa luzokusiza ukuba usungule umbono onempilo ngokudla ngokuhlanganyela neBhayibheli, "isinkwa sokuphila." Ukuze uthole okwengeziwe, bheka finds.life.church

Okuhlukile Kwengane Yami: Ukusekelwa Kwezinto Eziphezulu Nezaphansi
Izinsuku ezingu-8
Lolu Hlelo LweBhayibheli olwabazali bezingane ezikhubazekile, umehluko, noma izidingo ezikhethekile zanoma yiluphi uhlobo—kungakhathalekile ukuthi ukusiphi isigaba ohambweni lwakho oluthile. Funda kwabanye abazali kanye nabameli mayelana nendlela yokubhekana nayo yonke imizwa, ukubhekana nezilingo, futhi ujabulele ukunqoba uma kuziwa ekukhuliseni ingane ehlukile.

Uguqulwe Ngeqiniso
Izinsuku eziwu 12
Elinye lamaqhinga kaSathane amakhulu ukwenza abantu bazizwe bebodwa ekungabazeni, ekwesabeni nasezilingweni zabo. Lokhu kuzinikela kugqamisa iqiniso mayelana nezindawo ezivamile phakathi kohambo lobuKristu abesifazane abasebasha abangase babhekane nazo. Ezinsukwini ezingu-12, uzofunda ukubona amanga uSathane akutshela wona futhi wazi iqiniso elitholakala kuKristu. Ungase uthole nokuthi awuwedwa emizabalazweni yakho njengoba ucabanga ukuthi uwedwa.

Ukuhamba Nojesu
Izinsuku ezingu-14
Uyafuna ukufunda incazelo yensindiso, ukuphila impilo egcwele uMoya, ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ubudodana, ukufana noKristu, ukwesaba uNkulunkulu, ukuphila okunqobayo, ukuvuselela ingqondo, ukukhululwa, nokubuyiselwa?

Ukuthola Ukuthula
Izinsuku eziwu 10
Udinga ukuthula empilweni yakho? Udinga ukuthula kungagcini ngokuba yisifiso kuphela? Ukuthula kweqiniso ungakuthola kuphela emthombeni owodwa-uNkulunkulu. Hlanganyela noDkt. Charles Stanley lapho ekukhombisa indlela yokuthula okuzoshintsha impilo, ekunika amathuluzi okuxazulula ukuzisola ngosekwadlula, ukubhekana nezinkinga zamanje, nokuthobisa ukwesaba ngekusasa.

Philela Ubizo Lwakho: Ingabe Ngidalelwe Ini Emhlabeni
Izinsuku ezingu 23
Joyina uMfundisi uRick kulolu chungechunge lwemiyalezo yobizo lukaNkulunkulu ngempilo yakho njengoba ufunda ukubona lolo bizo futhi ulusebenzise njengesibusiso ebandleni, kwabanye abantu, kanye nasempilweni yakho.

Umthelela Wenjabulo
Izinsuku ezingu 31
Ibhayibheli lisitshela ukuthi “ebukhoneni bakhe kukhona ukugcwala kwenjabulo” nokuthi “ukuthokoza kukaJehova kungamandla ethu”. Injabulo ayiwona nje omunye umzwelo; kuyisithelo sikaMoya kanye nesinye sezikhali ezingcono kakhulu kunqolobane yakho yokulwa nokudumazeka, ukudangala, kanye nokunqotshwa. Chitha izinsuku ezingu-31 ufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngenjabulo, futhi uziqinise ukuze ube umKristu ojabulayo ngokungenamibandela.