Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne IzAga 3:5

Ukunqoba NoLetitia Wright
izinsuku ezingu 3
Joyina umlingisi u-Letitia Wright ohlelweni lwakhe lwevidiyo olusha lwezinsuku ezingu-3, Ukunqoba, futhi umvumele akukhuthaze ngemiBhalo efanayo emsize ukuba athole ukunqoba nokuqiniseka kubuntu bakhe kuKristu.

Ukujika Kwi Nxushunxushu Zomphefumulo
izinsuku ezingu 3
Lapho impilo yakho ingahambisani neZwi likaNkulunkulu cishe uzobhekana nemiphumela ebuhlungu. Lapho imizwa yakho ingasalawuleki futhi iqala ukunquma inhlalakahle yakho, ungazithola uvalelwe emajele azenzele wona okungaba nzima ukuphuma kuwo. Udinga ukuthola ibhalansi efanelekile futhi ufunde ukuthembela kuNkulunkulu. Vumela uTony Evans akubonise indlela eya enkululekweni engokomzwelo.

Ithemba
Izinsuku eziwu 4
Ukwethemba kuyingxenye ebalulekile yokholo lobuKristu. Futhi ukwethemba kwakho kukhula ngokuhlangana noNkulunkulu nokuzindla ngeZwi laKhe. Amavesi alandelayo, lapho uwabamba ngekhanda, angakusiza ukuba uthembele kuNkulunkulu kuzo zonke izinsuku zakho. Vumela impilo yakho iguqulwe ngokukhumbula imiBhalo!

Ngishintshelwe Kokungcono
Izinsuku eziwu 4
Uma uhlangabezane nesikhathi esibalulekile sokholo noma somndeni, kunethuba elihle lomculi-umbhali wengoma u-Gary LeVox we-Rascal Flatts acule ngakho. Njengoba kudayiswe ama-albhamu angaphezu kwezigidi ezingu-22 kanye nezingoma ezingu-16 kunombolo 1. Lezi zingoma seziphenduke iculo ezimpilweni zabaningi. Ngenxa yalokho, izigidi zabantu zishintshwa zibe ngokungcono.

Ukudlula Ezikhathini Ezinzima
Izinsuku eziwu 4
Ukubhekana nezimo ezilukhuni ezimpilweni zethu yinto esingasoze sayibalekela. Nokho kuloluHlelo olufushane lwezinsuku ezi-4, sizokhuthazeka ngokwazi ukuthi asisodwa, ukuthi uNkulunkulu unecebo ngobuhlungu esidlula kubo, nokuthi uzobusebenzisela okulicebo lakhe elikhulu.

Lapho Ukudumazeka Kuhlasela
Izinsuku eziwu 4
Ububhekene nokudumala? Akekho kithi okhululekile ekubhekaaaneni nakho. Kungakhathaliseki ukuthi singobani, sonke sizohamba ezikhathini lapho singakutholanga esikufunayo. Pho, senzani ngokudumazeka kwethu? Ingabe akulungile ngathi ukuzizwa ngale ndlela? kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Ezingu-4, sizobheka ukuthi sikuchaza kanjani, sikwamukela, sikucubungula, futhi sikusebenzise kanjani ukudumazeka kwethu ngokuhle.

UNKULUNKULU + IZINJONGO: Uzibeka kanjani izinjongo njengo Mkrestu
izinsuku ezingu 5
Ingabe kulungile ukuzibekela amagoli njengo Mkrestu? uzokwazi kanjani ukuthi igoli lisuka ku Nkulunkulu noma kuwena? Abukeka njani amagoli omkrestu? Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-5, uzojula eZwini bese uthola uhlaziyo nokuqondiswa ngokubeka amagoli anomfutho woMusa!

Imigomo Yobudlelwano
izinsuku ezingu 5
Sesha i-#RelationshipGoals ezinkundleni zokuxhumana, futhi uzothola izithombe ezibonakala ziphelele zabashadile abathandanayo. Kodwa kuthiwani uma umbono wobudlelwano umphakathi wethu owuthengisayo ungamanga? Umfundisi uMichael Todd ubhale Izinjongo Zobudlelwane: Indlela Yokunqoba Ekujoleni, Umshado, kanye Nocansi mayelana nokuba nemigomo yobudlelwano evela kuNkulunkulu futhi ihambisane nalokho Asenze ukuba sibe yikho.

Ibhayibheli Lathini?
izinsuku ezingu 5
Uma uke waba nemibuzo ngeBhayibheli, uphakathi kwabantu abahle! Besike saba lapho sonke. Ngezinye izikhathi izingxenye zeBhayibheli zingadida ngempela. Kulolu Hlelo LweBhayibheli, sizoxoxa ngezinye zezindima okungaba nzima ukuziqonda futhi sifunde amacebiso awusizo okuhlola imiBhalo.

Omama Abanganyakaziswa
Izinsuku ezi-6
Kuthiwani uma bewazi ukwakha indlu eqinile, engenakunyakaziswa izivunguvungu zobunzima? Kuthiwani uma isisekelo sakho siqine kangangokuthi ngisho noma umhlabathi ngaphansi kwezinyawo zakho uqala ukuzamazama, uhlale UNGANYAKAZISEKI? Ukunamathisela nokudweba kuthatha isikhashana kuphela. Asikwazi ukucasha ngamaphepha amahle unomphela. Yisikhathi sokuvumela impilo Yakhe ukuthi isakhe siqine futhi simise othandweni Lwakhe.

Ukulawula Isikhathi Saphezulu
Izinsuku ezi-6
Ukulawula isikhathi ngokujwayelekile kungabangela ingcindezi lapho inhloso kuwukuthola ukuphila "ngaphansi kokulawula" ngamandla ethu nokuzithiba. Kodwa iBhayibheli lisitshela ukuthi sithola ukuthula nokuphumula lapho sithembela kuNkulunkulu ngesikhathi sethu. kulolu hlelo lwezinsuku ezingu-6, uzofunda ukuthi indlela egxile kuNkulunkulu yokuhlela isikhathi iholela kanjani ekutholeni konke okuhle anakho ngawe, okuhlanganisa injabulo nokuthula Kwakhe.

Kulo Khisimuzi Ungadikibali, Bheka phezulu
Izinsuku ezi-6
Sonke siyizwile inkulumo ethi, "Izinto zibheke phezulu." Kusho ukuthi isimo siya ngokuba ngcono. IBhayibheli lisitshela ukuthi izinto ziyoqala ukubukeka kahle lapho siqala ukubheka phezulu. Susa amehlo akho ezimweni zakho futhi ubheke kuNkulunkulu.
Kungani Ngalahlekelwe Umsebenzi Wami Uma Unkulunkulu Engithanda?
Izinsuku ezingu-7
Uma ungomunye wezigidi zabantu baseMelika phakathi nenguquko yomsebenzi, kungenzeka ukuthi udangele ngenxa yobunzima bokuthola umsebenzi. Kuyasebenza futhi kuyakhuthaza, ukufunda nsuku zonke kuzokusiza ukuthi uthole ukukhula komuntu siqu okucebile noNkulunkulu ngalesi sikhathi soguquko. Kuthathwe encwadini ka-Rick Pritikin enesihloko esifanayo, lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezingu-7 luzokusiza ukuthi uthole ukugxila nenjongo.

Okungaphezu Kwemvelo Nsuku Zonke
Izinsuku ezingu-7
Okungaphezu kwemvelo kosuku nosuku kuhlola ukuthi impilo enikwe amandla kaMoya ibukeka kanjani kuwo wonke umKristu. uNkulunkulu wayehlose ukuthi ngamunye wethu athembele kuMoya oNgcwele futhi asebenzise izipho ezingaphezu kwemvelo njengamathuluzi ansuku zonke. Ukwethembela kuMoya oNgcwele akuyona into eyinqaba, egcwele ukuxokozela, noma into ethile kuphela ezingxenyeni ezithile zeBandla. Eyanoma ubani ofuna ukwazi uNkulunkulu ngokugcwele.

Amaphupho Ahlengiwe
Izinsuku ezi-7
Senzanjani uma kubukeka sengathi amaphupho ethu awafinyeleleki noma ayashabalala? Njengonqobe ukuhukumezeka nokukhathazeka, kanye nokwephuka kwenhliziyo ngenxa yedivosi, sengike ngabhekana nalombuzo izikhathi eziningi. Noma ngabe ubhekene nobuhlungu besigemegeme noma bokulahlekelwa, noma ukukhungatheka ngenxa yokulinda isikhathi eside, iphupho ngo Nkulunkulu lisaphila! Mhlobo, isikhathi sokuphinda uphuphe.

Ukuhlakanipha Kokuphila Okulungile
Izinsuku ezingu-7
Emhlabeni, oguquguqukayo ngokushesha futhi ngamandla nezinselelo, sidinga ukuhlakanipha ukuze siphile. Umphakathi wethu usidonsa usiphushele ezinhlangothini ezahlukene, kanti kule nxushunxushu sidinga ikhampasi yengqondo ukuze isiqondise endleleni efanele. Sidinga ukuhlakanipha ukuze siphile kahle. Lolu hlelo lwezinsuku eziyisikhombisa, olusekelwe ikakhulukazi kuzAga, luhlola lesi sihloko njengoba sethulwe nguSolomoni.

uJesu Uyangithanda
Izinsuku ezingu-7
Uma othile ekubuza, "Yini okufanele ngiyikholelwe ukuze ngibe umKristu?" ungathini? Ngokusebenzisa amagama alula engomeni ethandwayo, “uJesu uyangithanda, lokhu ngiyazi, ngoba iBhayibheli lingitshela kanjalo”, intatheli eyaphenduka umfundisi ikusiza ukuthi uqonde ukuthi yini oyikholelwayo nokuthi kungani. Umbhali othengisa kakhulu uJohn S. Dickerson ngokucacile futhi achaza ngokwethembeka izinkolelo zobuKristu ezibalulekile futhi ubonise ngokunamandla ukuthi kungani lezi zinkolelo zibalulekile.

Ukulinda uNkulunkulu
Izinsuku ezingu-8
Ingabe ulindele ukuba uNkulunkulu aphendule imithandazo yakho? Ingabe izinsuku, izinyanga, neminyaka kudlula ngaphandle kobufakazi bokuthi ukulangazelela kwakho okujulile kuyoke kugcwaliseke? Uma kunjalo, awuwedwa. Joyina uDkt. Charles Stanley njengoba ekhuluma ngolwazi lomuntu siqu nezimiso zeBhayibheli ukuze akunikeze isikhuthazo lapho ithemba libonakala lingasekho kanye nesiqondiso sokukusiza ukuba usebenzise ngokugcwele ukubambezeleka kukaNkulunkulu.

Funa uNkulunkulu Kukho
Izinsuku eziwu 10
Ukucindezeleka. Ukukhathazeka. Izimbangela nezenzakalo ezibuhlungu zisiphazamisa ngokwengqondo, ngokomzwelo, nangokomoya. Ngalezi zikhathi ukufuna uNkulunkulu kubonakala kunzima futhi kungenasidingo. Uhlelo oluthi, "Funa UNkulunkulu Kukho" luhlose ukukukhuthaza kanye nokukufundisa ukuthi ungenza kanjani ebukhoneni bukaNkulunkulu ukuze uthole ukuthula kukaNkulunkulu, kungakhathaliseki isimo sakho.

Izinsuku Ezingu-12 Zothando Oluhlala Njalo
Izinsuku eziwu 12
Kulolu cwaningo, sizokuqondisa ohambweni lobudlelwano oluhlanganisa izindlela ezingu-12 ezibalulekile zokuba Nothando Oluhlala Njalo.

Ukuphila Okunamandla—Qala Ukuphila Ngempela
Izinsuku eziwu 12
uJesu akazange alahle ukuphila Kwakhe okuphelele ukuze ukwazi Ukuphila nje eyakho. Abafana abayisikhombisa—njengawe—babekele eceleni izinsuku ezimbalwa zokwehlisa ijubane, ukuzijabulisa, ukuthola izimpendulo, futhi bakuqophe konke kuvidiyo. Ingabe ukuphila kuwumsebenzi kanye nengcindezi nje? Siphuma kanjani ku-treadmill yokusebenza? Ngingakwazi ukukhululeka ekuluthweni? ngiqala kanjani ukuphila ngempela? Qala lolu hlelo lwebhayibheli lwe-Life.Church nabanye abangani ukuze uthole kabanzi.

Izingoma: Inkonzo kaKhisimusi
Izinsuku ezingu-25
UNkulunkulu unathi - ezithembisweni eziphenduliwe, amaphupho agcwalisekile, nethemba eliqabulayo. Besingenza kanjani kodwa sicule. Ngalesi sikhathi sikaKhisimusi, hlola izingoma ezizalwe ngenxa yenjabulo yethu yokuthi uKristu ungene emhlabeni futhi wathole kabusha ukuhlobana nempilweni yakho namuhla kulolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezingu-25.

Oswald Chambers: Ithemba - Isithembiso Esingcwele
Izinsuku ezingu 30
Ithemba: Isithembiso Esingcwele siyingcebo ekhuthazayo yezingcaphuno ezivela emisebenzini ka-Oswald Chambers, umbhali wezokuzinikela othandwa kakhulu emhlabeni nombhali wencwadi ethi My Utmost for His Highest. U-Chambers uzokukhuthaza futhi akuphonsele inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli.