Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UJeremiya 31:3
Usuku lwe-Valentine
izinsuku ezingu 3
Usuku lwe-Valentine kungaba isikhathi esinzima kwabanye bethu. Singase sibe sesigabeni sempilo lapho singekho ebudlelwaneni, futhi sifuna ukuba khona, okungase kuphakamise imizwa ethile engakhululekile. Ezinsukwini ezintathu ezizayo kungakhathaliseki ukuthi bunjani ubuhlobo bakho, sivumele ukuba sikhuthaze inhliziyo yakho ngothando lukaNkulunkulu OLUHLE, OLUNGANEMIBANDELA, OLUTHULISAYO.
Ukuthola Indlela Yakho Ebuyela KuNkulunkulu
izinsuku ezingu 5
Ufuna okuthe xaxa empilweni? Ukufuna okwengeziwe empeleni kungukulangazelela ukubuyela kuNkulunkulu - noma ngabe bukuphi ubudlelwano bakho naYe njengamanje. Sonke siyabhekana nezinkomba zebanga esilihambayo - noma lokho okusiphaphamisayo - lapho sifumana indlela yethu ebuyela kuNkulunkulu. Hamba uhambo ngalunye kulokhukuphaphama, ulifingqe ibanga phakathi kwalapho ukhona manje nalapho ofuna ukufinyelela khona. Sifuna ukumfumana uNkulunkulu, Yena Ufuna nangaphezulu kwalokho ukuthi afumaneke.
Thanda Sengathi Awukaze Ulinyazwe NguJentezen Franklin
Izinsuku ezingu-7
Akuyona imfihlo ukuthi labo abasondelene kakhulu nathi bangasilimaza kakhulu. Njengoba sihlukunyezwa ukukhashelwa, sakha izindonga ezizungeze izinhliziyo zethu ukuze zisivikele ebuhlungwini benhliziyo, nokho lezi yizona kanye izindonga ezisivimba ekuboneni ithemba, ukuthola ukuphulukiswa nokuzwa uthando. Yisikhathi sokudiliza izindonga zakho, usebenze ngamanxeba akho, ulungise ubudlelwano obonakele futhi uthole amandla enhliziyo evulekile.