Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Isaya 53:4
Isiqalo sePhasika
izinsuku ezingu 3
Ukucabanga ngezehlakalo zangoLwesihlanu LwePhasika ezilandiswa ngabalingiswa bezindaba zokuzalwa kukaJesu. Ukuhlola okucabangayo kwesimangaliso sokuzalwa kukaJesu kanye nomhlatshelo wokubethelwa esiphambanweni.
Isipho
izinsuku ezingu 5
Kuyisikhathi sonyaka esimangalisayo kakhulu, kodwa sizithola simatasa ngamaholidi. KuloKhisimusi, kunganjani uma sibuyisa lesimanga? Kule pulani yeBhayibheli yezinsuku ezinhlanu ehambisana nochungechunge lukaMfundisi Craig Groeschel, Isipho, sizothola ukuthi izipho ezintathu izazi ezazinika uJesu, zingasiholela kanjani endaweni yesimanga nendumiso namhlanje.
Indlela YoMbuso
izinsuku ezingu 5
UNkulunkulu uvusa iBandla Lakhe, futhi sidinga ukubona isithombe esikhulu. Lapho izikhathi ziba nzima, sizolingeka ukuba siyeke. Nokho, akusona isikhathi sokuyeka. Hlanganyela nathi njengoba sifunda ukufunda izikhathi esikuzo, futhi sizuze namasu okuthi singama kanjani futhi siqhubekisele phambili uMbuso kaNkulunkulu.
Hlukana Nomona Ngohlelo lokufunda lwezinsuku eziyisithupha luka-Anna Light
Izinsuku ezi-6
Manje, kunangaphambili, sibhekene nempilo yawo wonke umuntu njengoba efuna kubonakale, futhi ukuqhathaniswa nempilo yethu siqu kuvusa umona. Awufuni ukuthi lo moya ukhule kuwe, kodwa kuthiwani ngomonakalo obangelwa umona lapho uqhamuka komunye umuntu? Kulolu hlelo lokufunda, uzothola ukuthi ungawunqoba kanjani umona, uvikele inhliziyo yakho, uhambe ngokukhululeka.
Limayelana nani iPhasika?
Izinsuku ezi-6
Ngesinye isikhathi, indoda yabikezela ukufa Kwayo uqobo. Wabikezela nokuthi wayezofa izinsuku ezintathu kuphela. Futhi Wayeqinisile! Ukufa kukaJesu nokubuyela ekuphileni amaqiniso amangalisayo endaba ye-Easter. AmaKristu asalugubha lolu suku. Kodwa kusho ukuthini konke kuwe? Lolu Hlelo LweBhayibheli luzokusiza uqonde izimfihlakalo nobuhle bePhasika!
Ukujaha Kokungafinyeleleki
Izinsuku ezingu-7
Sonke sijaha okuthile. Ngokujwayelekile okuthile okungenakufinyelelwa—umsebenzi ongcono, ikhaya elinethezekile, umndeni ophelele, ukuthola imvume kwabanye. Kodwa akukhathalisi yini lokhu? Ingabe ikhona indlela engcono? Thola kulolu hlelo olusha lweBhayibheli lwe-Life.Church, oluhambisana nochungechunge lwemiyalezo kaMfundisi uCraig Groeschel, elithi Chasing Carrots.
Injabulo! Emhlabeni Wakho! Ukubalwa KukaKhisimusi
Izinsuku ezingu-25
Ukhisimusi yisikhathi lapho sonke kufanele silindele ukungena kwezulu emhlabeni wethu onothuli, ongcolile. Ukhisimusi yisikhathi esisikhumbuza sonke ukuthi izimangaliso ziyenzeka ngempela, imithandazo iyaphendulwa nokuthi izulu liyimpendulo eyodwa nje. Ngokuhlangenwe nakho kukaMariya, uJoseph, uZakariya no-Elizabeth, umalusi namadoda ahlakaniphileyo, lokhu kuzinikela kuhlola ukubaluleka kukaKhisimusi wokuqala nokuthi uhlangana kanjani nempilo yethu ngayinye namuhla.
Ukuza: Uhambo lukaKhisimusi
Izinsuku ezingu-25
UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.
Umhlaba Okhathele Uyathokoza - Uhlelo Lokufunda Lwe-Advent
Izinsuku ezingu-28
Ungalahlekelwa ukugxila kwakho ngenxa yenkathi kaKhisimusi—uJesu. Ukugubha i-Advent kuyindlela enhle yokugcina uKristu emaphakathi eholidini futhi kulolu hlelo lokufunda, uzothatha uhambo ngemiBhalo ukuze ukhulekele iNkosi yethu ngokufunda iBhayibheli nsuku zonke nangokuzinikela.
Ukubalwa KukaKhisimusi
Izinsuku ezingu-29
Uyemukelwa Kukhalenda Yomsebenzi Wezinsuku ezingama-28 we-Thriving Family! Ungaphuthelwa yileli thuba lokuhlola incazelo yangempela kaKhisimusi futhi nisondelane ndawonye njengomndeni! Le misebenzi yomzali nengane yenzelwe ukukusiza ugcine le nkathi kaKhisimusi igxile kuKristu!
Umthelela Wenjabulo
Izinsuku ezingu 31
Ibhayibheli lisitshela ukuthi “ebukhoneni bakhe kukhona ukugcwala kwenjabulo” nokuthi “ukuthokoza kukaJehova kungamandla ethu”. Injabulo ayiwona nje omunye umzwelo; kuyisithelo sikaMoya kanye nesinye sezikhali ezingcono kakhulu kunqolobane yakho yokulwa nokudumazeka, ukudangala, kanye nokunqotshwa. Chitha izinsuku ezingu-31 ufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngenjabulo, futhi uziqinise ukuze ube umKristu ojabulayo ngokungenamibandela.