Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UGenesise 2:23
Sukumela Inselelo
Izinsuku eziwu 4
Umhlaba wethu ugcwele abantu, kodwa uNkulunkulu ufuna amadoda ombuso azosukuma aziphendulele ngezenzo zawo, imindeni yawo, amabandla awo kanye nemiphakathi yawo. Uma sinobuholi obunjalo obubambekayo, uNkulunkulu uzotuswa kuzo zonke izici zempilo yethu.
Imigomo Yobudlelwano
izinsuku ezingu 5
Sesha i-#RelationshipGoals ezinkundleni zokuxhumana, futhi uzothola izithombe ezibonakala ziphelele zabashadile abathandanayo. Kodwa kuthiwani uma umbono wobudlelwano umphakathi wethu owuthengisayo ungamanga? Umfundisi uMichael Todd ubhale Izinjongo Zobudlelwane: Indlela Yokunqoba Ekujoleni, Umshado, kanye Nocansi mayelana nokuba nemigomo yobudlelwano evela kuNkulunkulu futhi ihambisane nalokho Asenze ukuba sibe yikho.
Ibhayibheli Lathini?
izinsuku ezingu 5
Uma uke waba nemibuzo ngeBhayibheli, uphakathi kwabantu abahle! Besike saba lapho sonke. Ngezinye izikhathi izingxenye zeBhayibheli zingadida ngempela. Kulolu Hlelo LweBhayibheli, sizoxoxa ngezinye zezindima okungaba nzima ukuziqonda futhi sifunde amacebiso awusizo okuhlola imiBhalo.
Umshado
izinsuku ezingu 5
Umshado ubudlelwane obunzima futhi obuzuzisayo, izikhathi eziningi siyakhohlwa ukuthi "Ngiyavuma" kuyisiqalo nje kuphela. Ngenhlanhla, iBhayibheli linokuningi elikushoyo mayelana nomshado ngokubona komyeni kanye nokomfazi. Amavesi amafushane ozohlangabezana nawo nsuku zonke kuloluhlelo enzelwe ukukusiza ukhule ekuqondeni kwakho umklamo womshado kaNkulunkulu-futhi ukhulise ubudlelwani nomlingani wakho ngaleso sikhathi.
Izinsuku Ezingu-12 Zothando Oluhlala Njalo
Izinsuku eziwu 12
Kulolu cwaningo, sizokuqondisa ohambweni lobudlelwano oluhlanganisa izindlela ezingu-12 ezibalulekile zokuba Nothando Oluhlala Njalo.