1
NgokukaJohane 16:33
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”
Порівняти
Дослідити NgokukaJohane 16:33
2
NgokukaJohane 16:13
Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo.
Дослідити NgokukaJohane 16:13
3
NgokukaJohane 16:24
Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.
Дослідити NgokukaJohane 16:24
4
NgokukaJohane 16:7-8
Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini. Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela
Дослідити NgokukaJohane 16:7-8
5
NgokukaJohane 16:22-23
Nani-ke nilusizi manje, kepha ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; intokozo yenu akakho onganamuka yona. Ngalolo suku aniyikubuza lutho kimi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona.
Дослідити NgokukaJohane 16:22-23
6
NgokukaJohane 16:20
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza.
Дослідити NgokukaJohane 16:20
Головна
Біблія
Плани
Відео