NgokukaLuka 15
15
Umfanekiso Ngemvu Elahlekileyo
1 Kwase kusondela kuye abathelisi nezoni ukuba bamlalele. 2Kepha abaFarisi nezazimthetho bakhononda, bethi: âLo muntu wamukela izoni, futhi adle nazo.â
3UJesu wayesebalandisa lo mfanekiso, ethi: 4 âNgubani kini ongathi enezimvu eziyikhulu, alahlekelwe ngenye yazo, angazishiyi edlelweni ezingama-99, ahambe ayofuna elahlekileyo, aze ayithole na? 5Kuthi lapho eseyitholile, ayetshathe emahlombe ethokoza. 6Esefikile ekhaya ameme abangani nomakhelwane, athi kubo: âThokozani nami, ngokuba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile.â 7Ngithi kini: kanjalo kuyakuba khona ukuthokoza ezulwini ngesoni sisinye esiphendukayo, kunabalungileyo abangama-99 abangakudingi ukuphenduka.
Umfanekiso Ngohlamvu Lwesiliva Olulahlekileyo
8âNoma-ke ngumuphi owesifazane ongathi enezinhlamvu zesiliva ezilishumi, alahlekelwe wuhlamvu olulodwa, angokheli isibani, ashanele endlini, alufunisise, aze aluthole na? 9Kuthi eselutholile ameme abangani nomakhelwane, athi: âThokozani nami, ngokuba ngilutholile uhlamvu lwami obelungilahlekele.â 10Ngithi kini: kanjalo-ke kukhona ukuthokoza phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu ngesoni esisodwa esiphendukayo.â
Umfanekiso Ngendodana Elahlekileyo
11Wayesethi: âUmuntu othile wayenamadodana amabili. 12Encane yathi kuyise: âBaba, nginike isabelo sefa esingesami;â uyise wawabela ifa.
13 âKwathi emva kwezinsukwana nje, indodana encane yaqoqa konke okungokwayo yahamba, yaya ezweni elikude, yafike yalisaphaza ifa layo, iphila ngendlela eyonakeleyo. 14 Kuthe isilisaphaze lonke, kwaba khona indlala enkulu kulelo lizwe; yaqala ukweswela. 15Yahamba-ke yayosebenza komunye umuntu walelo lizwe. Wayithumela emadlelweni akhe ukuba iyokwelusa izingulube. 16Yafisa ukuthiba iphango ngemidumba edliwa yizingulube, kepha kayiphiwanga muntu.
17âKuthe sekubuye umqondo, yathi: âKambe bangaki abaqashwe ngubaba abadla baze bakubuke, mina ngibe ngibulawa yindlala lapha na? 18Ngiyakusuka, ngiye kubaba, ngithi kuye: baba, ngonile kuNkulunkulu nakuwe; 19angisafanele ukubizwa ngendodana yakho; ngenze ngibe njengomunye wezisebenzi zakho.â 20Yayisisuka, yaya kuyise. Kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.
21âIndodana yayisithi kuye: âBaba, ngonile kulo izulu nakuwe; angisafanele ukubizwa ngendodana yakho.â
22âKepha uyise wathi ezincekwini zakhe: âSheshani nilethe ingubo yakwanokusho, niyembathise, niyifake indandatho esandleni sayo nezicathulo ezinyaweni, 23nilethe ithole elikhuluphalisiweyo, nilihlabe, sidle, sijabule. 24Ngokuba le ndodana yami ibifile, yabuye yaphila; ibilahlekile, isitholakele,â base beqala ukujabula.
25âKepha indodana yakhe endala yayisensimini; kuthe lapho isondela ngasekhaya, yezwa kuhlatshelelwa, futhi kusinwa. 26Yabiza enye yezinceku, yabuza ukuthi kwenzenjani. 27Yathi kuyo: âKufike umnawakho, uyihlo wayesehlaba ithole elikhuluphalisiweyo, ngokuba ubuye wamthola esaphila.â
28âKepha indodana endala yathukuthela, yenqaba ukungena ekhaya. Uyise wayesephuma, wayincenga. 29Kepha yaphendula, yathi kuyise: âBheka nje, iminyaka engaka ngikusebenzela; angizange ngiweqe umyalo wakho, kepha mina awukaze ungihlabise ngisho nezinyane lembuzi leli, ukuba ngithokoze nabangani bami. 30Kepha kuthe ukuba kufike le ndodana yakho ebhubhudle ifa lakho nezifebe, wayihlabisa ithole elikhuluphalisiweyo.â
31âWayesethi uyise kuyo: âNdodana, wena uhlala nami njalo; konke okwami kungokwakho. 32Kepha kufanele sijabule, sithokoze, ngokuba umfowenu lo ubefile, manje useyaphila; ubelahlekile, kodwa usetholakele.â â
Nu markerat:
NgokukaLuka 15: ZUL20
MĂ€rk
Dela
Kopiera
![None](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2F58%2Fhttps%3A%2F%2Fweb-assets.youversion.com%2Fapp-icons%2Fsv.png&w=128&q=75)
Vill du ha dina höjdpunkter sparade pÄ alla dina enheter? Registrera dig eller logga in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.