1
2 kaPetru 2:9
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe
Comparar
Explorar 2 kaPetru 2:9
2
2 kaPetru 2:21-22
Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba babengayazanga indlela yokulunga kunokuba kuthi sebayazile bafulathele umyalo ongcwele ababewunikeziwe. Kubehlele njengokwesaga esiqinisileyo esithi: “Inja yabuyela ebuhlanzweni bayo,” nokuthi: “Ingulube igezwe qede yaphindela ukuzibhixa odakeni.”
Explorar 2 kaPetru 2:21-22
3
2 kaPetru 2:19
bebathembisa inkululeko, kanti bona uqobo lwabo bayizigqila zokubhubha; ngokuba lokho umuntu ahlulwa yikho uyisigqila sakho.
Explorar 2 kaPetru 2:19
4
2 kaPetru 2:20
Ngokuba uma bebuye bahilelwe, bahlulwe yikho, sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, khona ukugcina kwabo kubi kunokuqala.
Explorar 2 kaPetru 2:20
5
2 kaPetru 2:1
Kepha kwavela nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba nakinina kuzakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo
Explorar 2 kaPetru 2:1
Início
Bíblia
Planos
Vídeos