1
1 kwabaseKorinte 15:58
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.
Comparer
Explorer 1 kwabaseKorinte 15:58
2
1 kwabaseKorinte 15:57
Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.
Explorer 1 kwabaseKorinte 15:57
3
1 kwabaseKorinte 15:33
Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.
Explorer 1 kwabaseKorinte 15:33
4
1 kwabaseKorinte 15:10
Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.
Explorer 1 kwabaseKorinte 15:10
5
1 kwabaseKorinte 15:55-56
“Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi lwakho na?” Udosi lokufa yisono; amandla esono ngumthetho.
Explorer 1 kwabaseKorinte 15:55-56
6
1 kwabaseKorinte 15:51-52
Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke, ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.
Explorer 1 kwabaseKorinte 15:51-52
7
1 kwabaseKorinte 15:21-22
Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu. Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa.
Explorer 1 kwabaseKorinte 15:21-22
8
1 kwabaseKorinte 15:53
Ngokuba lokhu okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli, nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi.
Explorer 1 kwabaseKorinte 15:53
9
1 kwabaseKorinte 15:25-26
Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe. Isitha sokugcina esiyakuchithwa singukufa.
Explorer 1 kwabaseKorinte 15:25-26
Accueil
Bible
Plans
Vidéos