1
UGenesise 9:12-13
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
UNkulunkulu wathi: “Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenza phakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani kuze kube sezizukulwaneni zaphakade: ngizakumisa uthingo lwami emafwini, lube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba.
مقایسه
UGenesise 9:12-13 را جستجو کنید
2
UGenesise 9:16
Uthingo luyakuba semafwini; ngizakulubheka, ngikhumbule isivumelwano esiphakade phakathi kukaNkulunkulu nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke emhlabeni.”
UGenesise 9:16 را جستجو کنید
3
UGenesise 9:6
Ochitha igazi lomuntu, igazi lakhe liyakuchithwa ngabantu, ngokuba uNkulunkulu wamenza umuntu ngomfanekiso wakhe.
UGenesise 9:6 را جستجو کنید
4
UGenesise 9:1
UNkulunkulu wabusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalani nande, nigcwalise umhlaba.
UGenesise 9:1 را جستجو کنید
5
UGenesise 9:3
Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba ngukudla kwenu; ngiyaninika konke kube njengemifino eluhlaza.
UGenesise 9:3 را جستجو کنید
6
UGenesise 9:2
Uvalo nokwesabeka kwenu akube phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi, kunikezelwe ezandleni zenu.
UGenesise 9:2 را جستجو کنید
7
UGenesise 9:7
Kepha zalani nina, nande, nichume emhlabeni, nivame kuwo.”
UGenesise 9:7 را جستجو کنید
خانه
كتاب مقدس
برنامههای مطالعه
ویدیوها