Marko 6

6
1Wapuma ngarapo; waya ezweni la kubo; abafundi bake bamlandera. 2Selifikile isabata, waqala ukufundisa endhlini yokucerera: abaningi bemuzwa kadi bamangara, bati, Kuvera pi loko anako umuntu royo na? no kuti, Ukuhlakanipa kuni okupiwe kuye umuntu royo, ukuba imisebenzi eyingaka eyi namandhla iyenziwe ngezandhla zake? 3Asiye umbazi wemiti royo, indodana ka Mariya, nomfo wabo ka Yakobe, no Yose, no Yuda, no Simon? nodade wabo kabako lapa natina na? 4Bakutshwiswa ngaye. U Yesu wati kubo, Umprofeti unge nadumo, kupera ezweni lakubo, napakati kwabafo wabo, nasendhlini yake. 5Wabengeyenze lapo umsebenzi onamandhla, kupera wabeka izandhla zake pezuru kwa bantu abagulayo abancinyane, wabasindisa. 6Wamangara ngokungatembi kwabo.
Wahambahamba emizini efundisa.
7Wabiza kuye aba itshumi nababiri, waqala ukutuma labo babiri nababiri; wabapa amandhla pezuru kwe mimoya emibi; 8wabalayeza ukuba bangapati luto lwendhlela, kupera umtshiza wodwa: kuze netshinkwa, kuze netshikwama, kuze nezindrama etshikwameni; kodwa bafake izicatulo; wati, 9Mungayambati iminjirira emibiri. 10Wati kubo, Lapo mungena endhlini, hlalani lapo, muze mumuke kona. 11Indawo yona leyo lapo bangayamkeli lina, bangazwi lina, lapo mupuma kona, tintitani utuli olupansi kwe zinyawo zenu kube ukuqinisa kubo. 12Bapuma bamemezela beti abantu mabapenduke. 13Bakupa amademone amaningi, batambisa ngamafuta abaningi labo abagulayo, babasindisa.
14Inkosi u Herode wazwa; loku ibizo lake lalidumile: wati, U Yohane um Bapatizi uvukile kwabafileyo, ngako amandhla lawo asebenza kuye. 15Abanye bati, Ngu Eliya. Abanye bati, Ngumprofeti, yebo njengo munye wabaprofeti. 16Kodwa u Herode, seezwile, wati, U Yohane, yena royo enamjuba ikanda, uvukile. 17Kuba u Herode loyo watuma wambamba u Yohane, wambopa endhlini yokubopera ngaye u Herodiya, umfazi ka Filipu umfo wabo; kuba wamtata yena. 18Kuba u Yohane wati ku Herode, Akuvunyelwe kuwe ukutata umfazi womfo wenu. 19U Herodiya wabe nenhliziyo eyimbi ngaye, wafuna ukumbulala: wahluleka; 20kuba u Herode wasaba u Yohane, eyazi nkuti ngumuntu olungileyo nokanyileyo, wamvikera. Lapo wazwa yena wakatazeka kakuru; wazwa yena ngolutabo. 21Selufikile usuku olufaneleyo, ukuti u Herode ngosuku lokuzalwa kwake wayenza itshipeko kwamakosana ake, namaduna amakuru, 22namadoda amakuru ase Galileya; lapo intombazana ka Herodiya loyo yangena yasina, yahlekerisa u Herode nalabo ababehlezi naye ekudhleni: inkosi yati entombazaneni, Cela ku mina loko okufunayo niyakukupa kona. 23Wafunga kuyo, Loko oyakukucela ku mina, niyakukupa kona, ekudabuleni pakati kwombuso wami. 24Yapuma, yati ku nina, Nizakucela yini? Wati, Ikanda lika Yohane um Bapatizi. 25Yangena masinyane ngokupangisa enkosini, yacela, yati, Nitanda ukuba unipe karoku engcwembeni ikanda lika Yohane um Bapatizi. 26Inkosi kadi idabukile kakuru: kodwa ngetshifungo tshayo na ngalabo ababehlezi nayo ekudhleni, ayitandanga ukuyilandulela. 27Masinyane inkosi yatuma ibuto lokulindera kwayo, yalayeza ukuba kuletwe ikanda lake: lahamba 28lamjuba ikanda endhlini yokubopera, lalileta ikanda lake engcwembeni, lalipa lona entombazaneni; intombazana yalipa ku nina. 29Sebazwile abafundi bake, babuya batata itshidumbu tshake batshiyimbera etinteni.
30Abapostile babutana ku Yesu: bamtshela izinto zonke, rezo kadi baziyenzileyo, na rezo kadi bazifundisileyo Wati kubo, 31Buyani lina modwa endaweni yolubala, mupumule ixetshana. Kuba kadi baningi bafika bamuka, babenge natuba lokudhla. 32Bamuka baya ngomkumbi endaweni yolubala ngapandhle. 33Abantu bababona bemuka, nabaningi babayazi, bagijimela lapo ngezinyawo bepuma emizini yonke, babapangela. 34Wapuma wabona itshicuku etshikuru, wabahaukela, kuba kadi bafana nezimvu ezinge namalusi: waqala ukubafundisa izinto eziningi. 35Sekusentambama, abafundi bake babuya kuye, bati, Lendawo ngilubala, sekusentambama: 36ubamukise ukuba bahambe ezweni nasemizini eyiseduze, bazitengere uluto lokudhla. Kodwa wapendula wati kubo, Bapeni lina badhle. Bati kuye, Tiyakuhamba titenge 37izinkwa ezilingene namadenariyon amakuru amabiri, tibape badhle na? 38Wati kubo, Izinkwa zingaki munazo na? hambani mubone. Lapo bayazi, bati, Zihlanu nezinhlanzi ezimbiri. 39Wabatshela ukuba bahlale pansi bonke ngamabandhla ewutshanini owuluhlaza. 40Bahlala pansi ngezigaba, ngamakuru, nangamatshumi amahlanu. 41Watata izinkwa ezihlanu nezinhlanzi ezimbiri, wabeka ezulwini, wabonga, wazihlepuna izinkwa; wabapa abafundi bake ukuba bazibeke pambiri kwabo: nezihhlanzi ezimbiri wabayabera bonke. 42Badhla bonke basuta. 43Babuta imvuturuka izitundu ezitshumi nezimbiri zicwebe, neyezinhlanzi nazo. 44Labo kadi abadhlileyo izinkwa, kadi ngamadoda amazousan amahlanu.
45Masinyane wapangisa abafundi bake ukuba bangene emkunjini, bahambe pambiri baye ngapetsheya e Betsayida, yena esamukisa itshicuku. 46Lapo wabavalelisa waya entabeni ukucela. 47Sekuhlwile umkumbi kadi ukona pakati kwe nyanze, esele yedwa emhlabatini. 48Wababona bekatazekile ekuvubeni, kuba umoya kadi upambene nabo, ngelixetsha lokulinda okune kobusuku, waya kubo, ehamba pezu kwenyanze; wafuna ukubadhlula: 49kodwa labo, sebembonile ehamba pezu kwenyanze, balinganisa ukuti ngitshituta, bakala: 50kuba bambona bonke, bayetuka. Masinyane wakuruma nabo, wati kubo, Tokozani: ngimi: mungasabi. 51Wangena emkunjini kubo: umoya wapera: bamangara kakuru pakati kwabo: 52kuba abaqondanga ngezinkwa, kodwa inhliziyo yabo kadi ilukuni.
53Lapo sebewelile, bafika ezweni lase Genezarete, basondezera ezibukweni. 54Sebapumile emkunjini, masinyane abantu bamyazi, 55bagijimera ezweni lonke lelo, baqala ukutwara emacansini abo labo abagulayo, lapo bazwa ukuti kadi ukona. 56Ezindaweni zonke lapo wangena kona, emizini, nasemizini emikulu, nasemasimini, babeka abagulayo ezindaweni zokutengerana, bamncenga ukuba bapate umpeto nje womnjirira wake: bonke abampatayo basindiswa.

دیاریکراوەکانی ئێستا:

Marko 6: NG1898

بەرچاوکردن

هاوبەشی بکە

لەبەرگرتنەوە

None

دەتەوێت هایلایتەکانت بپارێزرێت لەناو ئامێرەکانتدا> ? داخڵ ببە