YouVersion Logo
Search Icon

IsAmbulo 12

12
IsAmbulo 12
1Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini; owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili;
2Kwathi ekhulelwe wakhala, enemihelo, ebuhlungu ngokuzala.
3Kwabonakala esinye isimangaliso ezulwini; bheka, udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe imiqhele eyisikhombisa.
4Umsila wawo wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni;
5Wazala umntwana wesilisa, obeyakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntwana wakhe wahlwithwa wayiswa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.
6Owesifazane wabalekela ehlane, lapho enendawo ayilungiselwe nguNkulunkulu, ukuba bamondle khona izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha.
7Kwaba khona impi ezulwini: UMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako; nodrako walwa nezingelosi zakhe;
8Kodwa kazange anqobe; nendawo yabo ayibange isatholakala ezulwini.
9Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.
10Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: Manje isifikile insindiso, namandla, nombuso kaNkulunkulu wethu, namandla kaKristu wakhe; ebusuku.
11Bona bamehlula ngegazi leWundlu langezwi lobufakazi babo; futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.
12Ngakho thokozani lina mazulu, lani elihlala kuwo. Maye kwabakhileyo emhlabeni nolwandle! ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.
13Kwathi udrako esebonile ukuthi uphonswe emhlabeni, wazingela owesifazana owazala umntwana wesilisa.
14Owesifazane wanikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu, ukuze andizele ehlane, endaweni yakhe, lapho ondliwa khona isikhathi, nezikhathi, nenxenye yesikhathi, kude nobuso benyoka.
15Inyoka yakhipha emlonyeni wayo amanzi anjengomfula emva kowesifazane, ukuze immukise nomfula.
16Umhlaba wamsiza owesifazane, umhlaba wavula umlomo wawo, wawugwinya umfula udrako awukhipha emlonyeni wakhe.
17Udrako wamthukuthelela owesifazane, wahamba wayokulwa nensali yenzalo yakhe, egcina imiyalo kaNkulunkulu, enobufakazi bukaJesu Kristu.
18Ngema esihlabathini solwandle.

Currently Selected:

IsAmbulo 12: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in