YouVersion Logo
Search Icon

Amahubo 5

5
Amahubo 5
Umthandazo
1Kumholi wokuhlabelela ingoma kaNehiloti. Ihubo likaDavide. Bheka, Jehova, amazwi ami, uqaphele ukuzindla kwami.
2Lalela izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngiyakukhuleka kuwe.
3Jehova, uyakulizwa izwi lami ekuseni; ekuseni ngiyakuwubhekisa kuwe umkhuleko wami, ngibheke phezulu.
4Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda ububi; nobubi abuyikuhlala nawe.
5Iziwula aziyikuba khona phambi kwamehlo akho; uyabazonda bonke abenza okubi.
6Uyakubhubhisa abakhuluma kabi; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nokhohlisayo.
7Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhuleke ethempelini lakho elingcwele ngokukwesaba.
8Ngihole, Jehova, ngokulunga kwakho ngenxa yezitha zami; lungisa indlela yakho phambi kobuso bami.
9Ngokuba akukho ukuthembeka emlonyeni wabo; ingaphakathi labo libi kakhulu; umphimbo wabo uyingcwaba elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo.
10Babhubhise, Nkulunkulu; mabawe ngamacebo abo; baxoshe ngobuningi beziphambeko zabo; ngoba bakuhlubukile.
11Kodwa kabathokoze bonke abathembela kuwe; mabajabule njalo, ngokuba uyabavikela; abalithandayo igama lakho mabajabule ngawe.
12Ngoba wena Jehova ubusisa olungileyo; ngokujabula uyomhaqa njengesihlangu.

Currently Selected:

Amahubo 5: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy