YouVersion Logo
Search Icon

Izaga zikaSolomoni 28

28
Izaga 28
1Ababi bayabaleka bengaxoshwa muntu, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.
2Izikhulu zalo ziningi phezu kwesiphambeko sezwe, kepha ngomuntu onokuqonda nokwazi isimo salo siyakwandiswa.
3Umuntu ompofu ocindezela abampofu unjengemvula ekhukhula ingashiyi ukudla.
4Abashiya umthetho badumisa ababi, kepha abagcina umthetho baphikisana nabo.
5Ababi abaqondi kahle, kepha abafuna uJehova baqonda konke.
6Ungcono ompofu ohamba ngobuqotho kunomubi ezindleleni zakhe, nakuba ecebile.
7Ogcina umthetho uyindodana ehlakaniphileyo, kepha umngane wezihlakaniphi uhlazisa uyise.
8Lowo owandisa impahla yakhe ngenzalo nangenzuzo engalungile, kumelwe ayiqoqele lowo ohawukela abampofu.
9Osusa indlebe yakhe ukuba angawulaleli umthetho, ngisho nomkhuleko wakhe uyisinengiso.
10Obangela ukuba abalungileyo baduke ngendlela embi, yena uyakuwela emgodini wakhe; kodwa abaqotho bazazuza okuhle.
11Isicebi sihlakaniphile emehlweni aso; kepha abampofu abanengqondo bayayiphenya.
12Lapho abalungileyo bethokoza, kukhona inkazimulo enkulu; kepha lapho ababi bevuka, umuntu uyacasha.
13Ofihla izono zakhe kayikuphumelela; kepha oyivumayo ayishiye, uyakuba nomusa.
14Uyajabula umuntu ohlala esaba, kodwa oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uwela ebubini.
15Njengengonyama ebhongayo nebhere elindizayo; unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.
16Isikhulu esiswele ukuqonda singumcindezeli omkhulu; kepha ozonda ukuhaha uyakwandisa izinsuku zakhe.
17Umuntu owenza ubudlova ngegazi lomuntu kumelwe abalekele emgodini; ungavumeli muntu ukuthi amvimbe.
18Ohamba ngobuqotho uyakusindiswa; kepha omubi ezindleleni zakhe uyakuwa masinyane.
19Olima umhlabathi wakhe uyakuba nesinkwa ngokuchichimayo;
20Umuntu othembekileyo unezibusiso eziningi, kodwa ojahe ukuceba ngeke abe msulwa.
21Ukuhlonipha umuntu akukuhle, ngoba ngenxa yeqatha lesinkwa umuntu uyophambuka.
22Ojahe ukuceba uneso elibi futhi akacabangi ukuthi ubumpofu buyomehlela.
23Okhuza umuntu kamuva uyakufumana umusa kunomuntu othophayo ngolimi.
24Ophanga uyise noma unina, athi: “Lokhu akusona isiphambeko; unjalo umngane womchithi.
25Ozidlayo uyavusa ukuxabana, kepha owethemba uJehova uyakhuluphaliswa.
26Owethemba kweyakhe inhliziyo uyisiwula; kodwa ohamba ngokuhlakanipha uyakusindiswa.
27Opha abampofu kayikuswela; kepha ovala amehlo akhe uyakuba neziqalekiso eziningi.
28Lapho ababi bevuka, abantu bayacasha; kepha uma bebhubha, abalungileyo bayanda.

Currently Selected:

Izaga zikaSolomoni 28: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in