YouVersion Logo
Search Icon

Izaga zikaSolomoni 15

15
Izaga 15
1Impendulo ethambileyo ibuyisa ulaka, kepha amazwi alimazayo avusa ulaka.
2Ulimi lwabahlakaniphileyo lusebenzisa ulwazi ngokufanele, kodwa umlomo weziwula uthulula ubuwula.
3Amehlo kaJehova asezindaweni zonke futhi abona ababi nabahle.
4Ulimi olunempilo lungumuthi wokuphila, kepha ukuphamba kwalo kungukuphuka komoya.
5Isiwula siyadelela ukulaya kukayise, kodwa oqaphela ukusolwa uhlakaniphile.
6Endlini yolungileyo kukhona ingcebo eningi, kepha enzuzweni yababi kukhona ukuhlupheka.
7Izindebe zabahlakaniphileyo zisakaza ukwazi, kepha inhliziyo yeziwula ayikwenzi lokho.
8Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.
9Indlela yomubi iyisinengiso kuJehova, kepha uyamthanda ophishekela ukulunga.
10Ukusolwa kulukhuni koshiya indlela, ozonda ukusolwa uyakufa.
11Indawo yabafileyo nencithakalo kuphambi kukaJehova; kakhulu kangakanani kunezinhliziyo zabantwana babantu?
12Isideleli asithandi noma ubani omlayayo, futhi akayi kwabahlakaniphileyo.
13Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle, kodwa ngokudabuka kwenhliziyo umoya uyachotshozwa.
14Inhliziyo yoqondileyo ifuna ukwazi, kepha umlomo weziwula udla ubuwula.
15Zonke izinsuku zompofu zimbi, kepha onenhliziyo ethokozayo wenza idili njalo.
16Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungcono kunengcebo eningi kanye nosizi.
17Isidlo semifino lapho kukhona uthando singcono kunenkabi yesibaya kanye nenzondo.
18Umuntu onolaka uvusa ukuxabana, kepha obhekayo uthulisa ingxabano.
19Indlela yevila injengothango lwameva, kepha indlela yabalungileyo isobala.
20Indodana ehlakaniphileyo ijabulisa uyise, kepha umuntu oyisiwula uyadelela unina.
21Ubuwula buyinjabulo koswela ukuhlakanipha, kepha umuntu oqondileyo uhamba ngobuqotho.
22Ngaphandle kokululekwa imigomo iyajabha, kepha iqiniswa ngobuningi babeluleki.
23Umuntu uyathokoza ngempendulo yomlomo wakhe, nezwi elikhulunywe ngesikhathi salo, yeka ukuthi lihle kangakanani!
24Indlela yokuphila iphezulu kohlakaniphileyo ukuze asuke esihogweni esingaphansi.
25UJehova uyakuchitha indlu yabazidlayo, kepha aqinise imikhawulo yomfelokazi.
26Imicabango yababi iyisinengiso kuJehova, kodwa amazwi ahlanzekileyo angamazwi amahle.
27Onenzuzo ufaka indlu yakhe osizini; kepha ozonda izipho uyakuphila.
28Inhliziyo yolungileyo ihlola ukuphendula, kodwa umlomo wababi uthulula okubi.
29UJehova ukude nababi, kepha uyawuzwa umkhuleko wabalungileyo.
30Ukukhanya kwamehlo kuthokozisa inhliziyo, nezwi elihle likhuluphalisa amathambo.
31Indlebe ezwa ukukhuzwa kokuphila ihlala phakathi kwabahlakaniphileyo.
32Olahla ukulaywa udelela umphefumulo wakhe; kepha ozwa ukusolwa uzuza ukuqonda.
33Ukumesaba uJehova kuyisiyalo sokuhlakanipha; ngaphambi kodumo kukhona ukuthobeka.

Currently Selected:

Izaga zikaSolomoni 15: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in