YouVersion Logo
Search Icon

Izaga zikaSolomoni 13

13
Izaga 13
1Indodana ehlakaniphileyo ilalela ukulaya kukayise, kepha isideleli asikuzwa ukusolwa.
2Umuntu uyakudla okuhle ngesithelo somlomo wakhe, kepha umphefumulo wabaphambukayo uyakudla ubudlova.
3Olinda umlomo wakhe ulonda ukuphila kwakhe; kepha ovula kakhulu izindebe zakhe uyakuba nembubhiso.
4Umphefumulo wevila uyafisa, kepha awunalutho, kepha umphefumulo wabakhutheleyo uyakhuluphala.
5Olungileyo uyawazonda amanga, kepha omubi uyisinengiso, uhlazeka.
6Ukulunga kuyamlondoloza oqotho endleleni, kodwa ububi buyabhubhisa isoni.
7Kukhona ozicebayo, kepha engenalutho; kukhona ozenza mpofu, kanti inotho enkulu.
8Isihlengo sokuphila komuntu siyingcebo yakhe, kepha ompofu akalaleli ukusolwa.
9Ukukhanya kolungileyo kuyathokoza, kepha isibani sababi siyacima.
10Ngokuzigqaja kuvela ukuxabana kuphela, kodwa kwabahlakaniphileyo kukhona ukuhlakanipha.
11Inotho ezuzwe yize izancipha, kodwa obutha ngomshikashika uzakwanda.
12Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo, kodwa lapho kufika isifiso, kungumuthi wokuphila.
13Odelela izwi uyakubhujiswa; kepha owesaba umyalo uyakuvuzwa.
14Umthetho wohlakaniphileyo ungumthombo wokuphila, ukuze kusukwe ezingibeni zokufa.
15Ukuqonda okuhle kunikeza umusa, kepha indlela yabaphambukayo ilukhuni.
16Bonke abahlakaniphileyo benza ngokwazi, kepha isiwula sivula ubuwula baso.
17Isithunywa esibi siwela ebubini, kodwa isithunywa esithembekileyo siyimpiliso.
18Ubumpofu nehlazo kowenqaba ukulaywa, kepha ohlonipha ukusolwa uyakudunyiswa.
19Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni, kodwa kuyisinengiso kuziwula ukusuka ebubini.
20Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyabhubha.
21Ububi bulandela izoni, kodwa abalungileyo bazathola umvuzo omuhle.
22Umuntu omuhle ushiyela abantwana bakhe ifa, ingcebo yesoni ibekelwe olungileyo.
23Kukhona ukudla okuningi ekulimeni kwabampofu, kodwa kukhona okuchithwayo ngenxa yokuntuleka kokwahlulela.
24Oyeka uswazi uzonda indodana yakhe; kodwa omthandayo umlaya ngesikhathi.
25Olungileyo udla aze asuthe umphefumulo wakhe, kodwa isisu sababi siyaswela.

Currently Selected:

Izaga zikaSolomoni 13: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in