YouVersion Logo
Search Icon

KuFilemoni 1

1
KuFilemoni 1
1UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane, kuFilemoni othandekayo nesisebenzi kanye nathi,
2naku-Apifiya othandekayo, naku-Arkiphu ibutho kanye nathi, nasebandleni elisendlini yakho;
3Umusa kawube kini lokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu leNkosini uJesu Kristu.
4Ngiyambonga uNkulunkulu wami njalo ngikukhumbula emikhulekweni yami;
5Ngizwa ngothando lwakho nokukholwa onakho eNkosini uJesu nakubo bonke abangcwele;
6ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nempumelelo ekwazini konke okuhle okukini kuKristu Jesu.
7Ngokuba sinentokozo enkulu nenduduzo othandweni lwakho, ngokuba izibilini zabangcwele zivuselelwe ngawe, mzalwane.
8Ngakho-ke noma nginesibindi esikhulu kuKristu sokukuyala okufaneleyo,
9Nokho ngenxa yothando kungcono ngikuncenge, mina enginjengoPawulu ixhegu, namanje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu.
10Ngiyakuncenga ngendodana yami u-Onesimu, engiyizele ngiboshiwe;
11Okwakukade kungasizi kuwe, kepha manje kuyasiza kuwe nakimi;
12engimbuyisele kuye;
13ebengingathanda ukumbamba mina, ukuze esikhundleni sakho angisebenzele ezibopho zevangeli;
14Kodwa ngaphandle kwakho kangiyikwenza lutho; ukuze inzuzo yakho ingabi njengengokucindezelwa, kodwa ngokuzithandela.
15Ngokuba mhlawumbe waphuma isikhashana, ukuze umemukele kuze kube phakade;
16Engabi njengenceku, kodwa ongaphezu kwenceku, engumzalwane othandekayo, ikakhulukazi kimi, kodwa kakhulu kangakanani kuwe, enyameni naseNkosini.
17Ngakho-ke uma ungibheka njengomhlanganyeli, mamukele njengami.
18Uma ekonile, noma enecala kuwe, kubalele mina lokho;
19Mina Pawuli ngikulobile ngesami isandla, mina ngizakubuyisela;
20Yebo, mzalwane, mangijabule ngawe eNkosini; uvuselele izinhliziyo zami eNkosini.
21Ngikubhalele ngethemba lokulalela kwakho, ngazi ukuthi nawe uyakwenza okungaphezu kwalokho engikushoyo.
22Kodwa phezu kwalokho ngilungisele indawo yokuhlala, ngoba ngiyethemba ukuthi ngemikhuleko yenu ngizaphiwa kini.
23Uyakhonza kuwe u-Ephafra oyisiboshwa kanye nami kuKristu Jesu;
24oMarku, no-Aristarku, noDema, noLucas, izisebenzi kanye nami.
25Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu. Amen. (Yalotshwa eRoma eya kuFilemoni, ngu-Onesimu inceku.)

Currently Selected:

KuFilemoni 1: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy