YouVersion Logo
Search Icon

Mathewu 19

19
Mathewu 19
1Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi, wamuka eGalile, weza emikhawulweni yaseJudiya phesheya kweJordani;
2Kwamlandela izixuku eziningi; wabaphulukisa khona.
3AbaFarisi beza kuye bemlinga, bathi kuye: Kuvunyelwe yini ukuthi indoda ilahle umkayo nganoma yisiphi isizathu?
4Waphendula wathi kubo: Anifundanga yini ukuthi owabadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, na?
5Wathi: Ngenxa yalokhu indoda izatshiya uyise lonina, inamathele kumkayo, labo ababili bazakuba nyamanye?
6Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungahlukaniswa muntu.
7Basebesithi kuye: Pho, uMozisi walayelani ukunika incwadi yesehlukaniso, lokumala?
8Wathi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu uMose wanivumela ukwala omkenu, kepha kwasekuqaleni kwakungenjalo.
9Nami ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe, kungengenxa yokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga;
10Abafundi bakhe bathi kuye: Uba injalo indaba yendoda lomkayo, akukuhle ukuganwa.
11Kepha wathi kubo: “Bonke abanakulamukela leli zwi, kuphela abalinikiweyo.
12Ngokuba kukhona abathenwa, abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina; kukhona nabathenwa, abathenwa ngabantu; Lowo okwaziyo ukuwemukela, makawemukele.
13Kwase kulethwa kuye abantwana abancane ukuba abeke izandla phezu kwabo, akhuleke; abafundi babakhuza.
14Kepha uJesu wathi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.
15Wabeka izandla phezu kwabo, wamuka lapho.
16Bheka, kwasondela omunye, wathi kuye: “Mfundisi Omuhle, ngizakwenzani okuhle, ukuze ngibe nokuphila okuphakade na?
17Wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? akakho omuhle, munye kuphela, okunguNkulunkulu; kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalo.
18Wathi kuye: Yiphi? UJesu wathi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga;
19Yazisa uyihlo nonyoko, nokuthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
20Insizwa yathi kuye: “Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami;
21UJesu wathi kuye: “Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngalokho onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.
22Kodwa ijaha selizwile lelolizwi, lahamba lidabukile, ngoba lalinengcebo enengi.
23UJesu wayesethi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: Ocebileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu.
24Njalo futhi ngithi kini: Kulula ukuthi ikamela lingene ngentunja yenalithi, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.
25Kwathi sebezwile abafundi bakhe bamangala kakhulu, bathi: Pho kungasindiswa bani?
26Kodwa uJesu wabakhangela wathi kubo: Kubantu lokhu kakwenzeki; kodwa kuNkulunkulu zonke izinto ziyenzeka.
27UPetru waphendula, wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela; siyakufumanani na?
28UJesu wasesithi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Lina elingilandelayo, ekuzalweni kutsha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, lani lizahlala ezihlalweni zobukhosi ezilitshumi lambili, lahlulele izizwe ezilitshumi lambili zakoIsrayeli.
29Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amasimu, ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kakhulu, adle ifa lokuphila okuphakade.
30Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina; futhi abokugcina bayakuba ngabokuqala.

Currently Selected:

Mathewu 19: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in