YouVersion Logo
Search Icon

Luka 20

20
Luka 20
1Kwathi ngolunye lwalezo zinsuku efundisa abantu ethempelini, eshumayela ivangeli, kwafika kuye abapristi abakhulu nababhali kanye namalunga;
2Bakhuluma kuye, bathi: “Sitshele, lezi zinto uzenza ngagunya lini na? kumbe ngubani okunike leligunya?
3Wasephendula wathi kubo: Lami ngizalibuza ilizwi libe linye; futhi ungiphendule:
4Ubhapathizo lukaJohane lwaluvela ezulwini noma kubantu na?
5Basebekhulumisana bodwa, besithi: Uba sisithi: Ezulwini; uzakuthi: Pho, anikholwanga nguye ngani na?
6Kepha uma sithi: Kubantu; abantu bonke bazosikhanda ngamatshe, ngokuba bakholiwe ukuthi uJohane ungumprofethi.
7Base bephendula ngokuthi abazi lapho livela khona.
8UJesu wathi kubo: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.
9Waseqala ukukhuluma ebantwini lumfanekiso; Umuntu othile watshala isivini, wasiqashisa kubalimi, waya ezweni elikude isikhathi eside.
10Ngesikhathi esifaneleyo wathuma inceku kubalimi, ukuthi bamnike ezithelweni zesivini; kodwa abalimi bayitshaya, bayimukisa ze.
11Wabuye wathuma enye inceku; nayo bayishaya, bayiphatha kabi, bayimukisa ze.
12Wabuye wathuma neyesithathu; nayo bayilimaza, bayikhiphela ngaphandle.
13Wasesithi umninisivini: Ngizakwenzani? Ngiyakuthuma indodana yami ethandekayo; mhlawumbe bayoyihlonipha, lapho beyibona.
14Kodwa kwathi abalimi beyibona bakhulumisana besithi: Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, ukuze ilifa libe ngelethu.
15Base beyikhiphela ngaphandle kwesivini, bayibulala. Uzakwenzani-ke umninisivini?
16Uzakuza, ababhubhise laba balimi, isivini asinike abanye. Sebezwile bathi: Kakube njalo.
17Wababheka wathi: “Pho, kuyini lokhu okulotshiweyo ukuthi: “Itshe abalinqabayo abakhi lona laba yinhloko yegumbi?
18Loba ngubani ozakuwa phezu kwalelotshe uzaphahlazwa; kodwa lowo eliwela phezu kwakhe lizamcola.
19Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukumbamba ngaso leso sikhathi; besaba abantu, ngokuba baqonda ukuthi uwukhulume lo mfanekiso ngabo.
20Basebemqaphela, bathuma izinhloli ezizenza abalungileyo ukuze babambe amazwi akhe, ukuze bamnikele emandleni lakulandleni wombusi.
21Bambuza-ke, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma ufundise kahle, awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso;
22Kuvunyelwe yini kithi ukuthela kuKesari, noma qha?
23Kodwa ebazi ubuqili babo wathi kubo: Lingilingelani?
24Ngikhombiseni udenariyu. Inomfanekiso nombhalo kabani? Baphendula bathi: KaKesari.
25Wathi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.
26Abakwazanga ukubamba amazwi akhe phambi kwabantu; bamangala ngokuphendula kwakhe, bathula.
27Kwase kufika kuye abathile kubaSadusi, abaphika ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo; bambuza.
28Bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi: “Uma kufa umfowabo womuntu enomfazi, kepha engenabantwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.
29Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa; owokuqala wathatha umfazi, wafa engenabantwana.
30Nowesibili wamthatha, wafa engenamntwana;
31Nowesithathu wamthatha; kanjalo-ke abayisikhombisa, bafa bengashiyanga mntwana.
32Ekugcineni kwabo bonke nowesifazane wafa.
33Ngakho-ke ekuvukeni uyakuba ngumkabani kubo na? ngokuba abayisikhombisa babe naye engumkabo.
34UJesu waphendula wathi kubo: Abantwana balumhlaba bayathatha, bayendiswa;
35Kodwa labo okuthiwa bafanele ukuthola lelolizwe lokuvuka kwabafileyo kabathathani, kabendiswa;
36futhi kabasayikufa, ngoba banjengezingilosi; futhi bangabantwana bakaNkulunkulu, bengabantwana bokuvuka.
37Kepha ukuthi abafileyo bayavuswa, noMose wakubonakalisa esihlahleni, lapho eyibiza iNkosi ngokuthi uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe.
38Ngokuba kasiye uNkulunkulu wabafileyo, kodwa owabaphilayo, ngokuba bonke baphilela yena.
39Abanye bababhali basebephendula bathi: Mfundisi, ukhulume kuhle.
40Emva kwalokho ababanga nasibindi sokumbuza nokumbuza.
41Wasesithi kubo: Batsho njani ukuthi uKristu uyindodana kaDavida?
42UDavida uqobo lwakhe uthi egwalweni lwamaHubo: INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami;
43ngize ngenze izitha zakho zibe yisenabelo senyawo zakho.
44Ngakho uDavide umbiza ngokuthi iNkosi, pho uyindodana yakhe kanjani na?
45Kwathi sezilalele ixuku lonke wathi kubafundi bakhe.
46Xwayani ababhali, abathanda ukuhamba bembethe izingubo ezinde, nokubingelelwa ezigcawini, nezihlalo eziphakeme emasinagogeni, nezihlalo eziphambili ekudleni;
47abadla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa benza imithandazo emide; labo bayakwamukeliswa ukulahlwa okukhulu.

Currently Selected:

Luka 20: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in