YouVersion Logo
Search Icon

Johane 9

9
Johane 9
1Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe.
2Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?
3UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu.
4Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo kusesemini;
5Ngisekhona emhlabeni ngiwukukhanya kwezwe.
6Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, wagcoba amehlo empumputhe ngodaka.
7Wathi kuyo: “Hamba ugeze echibini laseSilowama,” okungukuthi ngokuhunyushwa oThunyiweyo. Wahamba-ke, wageza, weza ebona.
8Ngakho omakhelwane nababe bembonile ngaphambili ukuthi uyimpumputhe bathi: “Lo akuyena yini obehlezi enxiba na?
9Abanye bathi: Lo nguye; abanye bathi: Unjengaye; kodwa yena wathi: Nginguye.
10Bathi kuye: “Avulwe kanjani amehlo akho na?
11Waphendula wathi: “Umuntu othiwa uJesu wenze udaka, wagcoba amehlo ami, wathi kimi: ‘Hamba echibini laseSilowama, ugeze;’ ngahamba ngageza, ngabona.
12Base bethi kuye: “Uphi yena na? Wathi: Angazi.
13Bamletha kubaFarisi lowo owayeyimpumputhe ngaphambili.
14Kwakuyisabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo akhe.
15Khona futhi nabaFarisi futhi bambuza ukuthi ukuthole kanjani ukubona. Wathi kubo: “Waninda udaka emehlweni ami, ngageza, sengiyabona.
16Ngakho abanye kubaFarisi bathi: Lo kaveli kuNkulunkulu, ngoba kagcini isabatha. Abanye bathi: Umuntu oyisoni angenza njani izibonakaliso ezinje? Kwaba khona ukuhlukana phakathi kwabo.
17Baphinda bathi kuyo impumputhe: “Wena uthini ngaye, lokhu evule amehlo akho na? Wathi: Ungumprofethi.
18Kepha abaJuda abakholwanga ngaye, ukuthi ubeyimpumputhe, usebuye wabona, aze abiza abazali bakhe lowo osethole ukubona.
19Bababuza bathi: “Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? pho, isibona kanjani manje na?
20Abazali bakhe babaphendula bathi: Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu, nokuthi wazalwa eyimpumputhe;
21Kodwa ukuthi usebona njani khathesi asazi; nokuthi ngubani ovule amehlo akhe, asazi; mbuze: uzakuzikhulumela yena.
22Abazali bakhe bakusho lokho, ngokuba besaba abaJuda, ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma umuntu ovuma ukuthi unguKristu, akhishwe esinagogeni.
23Ngakho abazali bakhe bathi: “Usekhulile; buza kuye.
24Base bephinda bembiza lowo muntu owayeyimpumputhe, bathi kuye: “Dumisa uNkulunkulu;
25Yena waphendula wathi: Noma uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.
26Base bephinda bathi kuye: “Wenzeni kuwe na? uwavule kanjani amehlo akho na?
27Wabaphendula wathi: “Senginitshelile, kepha anezwa; nifunelani ukuzwa futhi na? nithanda ukuba ngabafundi bakhe nani na?
28Base bemthuka, bathi: “Nguwe ongumfundi wakhe; kepha thina singabafundi bakaMose.
29Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose;
30Umuntu waphendula, wathi kubo: Kungani kulokhu kuyisimangaliso, ukuthi nina anazi lapho avela khona, nokho uvule amehlo ami.
31Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni;
32Selokhu kwaqala akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe.
33Uma lo ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakukwenza lutho.
34Baphendula, bathi kuye: Wena wazalelwa ezonweni kanye, wena usifundisa yini? Basebemkhiphela phandle.
35UJesu wezwa ukuthi bamkhiphele ngaphandle; kwathi esemtholile wathi kuye: Wena uyakholwa yini eNdodaneni kaNkulunkulu?
36Yena waphendula wathi: Ungubani, Nkosi, ukuze ngikholwe kuye?
37UJesu wathi kuye: “Usuyibonile, nguye okhuluma nawe.
38Wathi: Ngiyakholwa, Nkosi. Wakhuleka kuye.
39UJesu wasesithi: Mina ngizele ukwahlulela kulumhlaba, ukuze abangaboniyo babone; nokuthi ababonayo babe yizimpumputhe.
40Abanye kubaFarisi ababe naye bezwa lokho, bathi kuye: “Kanti nathi siyizimpumputhe na?
41UJesu wathi kubo: “Uma beniyizimpumputhe, ngabe aninasono; ngakho isono senu sihlezi.

Currently Selected:

Johane 9: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy