YouVersion Logo
Search Icon

Johane 17

17
Johane 17
1UJesu wakhuluma lokho, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana yakho ikukhazimulise wena;
2njengalokhu uyiphile amandla phezu kwenyama yonke, ukuze bonke omnike yona, ibaphe ukuphila okuphakade.
3Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa weqiniso, noJesu Kristu omthumileyo.
4Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngiwuqedile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze.
5Manje-ke, Baba, ngikhazimulise kuwe ngokwakho ngenkazimulo enganginayo ngikuwe izwe lingakabikho.
6Ngilibonakalisile igama lakho kubantu onginike bona kwabasezweni; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.
7Khathesi sebesazi ukuthi zonke izinto onginike zona zivela kuwe.
8Ngokuba amazwi onginike wona ngibanikile bona; futhi bawamukele, futhi bazi isibili ukuthi ngaphuma kuwe, futhi bakholwa ukuthi wena ungithumile.
9Ngiyabakhulekela bona; angikhulekeli izwe, kodwa labo onginike bona; ngoba bangabakho.
10Futhi konke okwami kungokwakho, nokwakho kungokwami; futhi ngiyakhazinyuliswa kubo.
11Kalokhu angisekho ezweni, kepha bona basezweni, mina ngiza kuwe. Baba oNgcwele, bagcine egameni lakho labo onginike bona, ukuze babe munye, njengathi.
12Ngisenabo ezweni ngabagcina egameni lakho labo onginike bona, ngibagcinile; ukuze kugcwaliseke umbhalo.
13Manje ngiza kuwe; lezi zinto ngizikhuluma ezweni, ukuze babe nokuthokoza kwami kugcwaliseke kubo.
14Mina ngibanikile izwi lakho; nezwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe.
15Kangiceli ukuthi ubasuse emhlabeni, kodwa ukuthi ubavikele komubi.
16Abasibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe.
17Bangcwelise ngeqiniso; izwi lakho liyiqiniso.
18Njengoba wangithuma emhlabeni, lami ngibathumile emhlabeni.
19Nangenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.
20Angiceleli laba bodwa, kodwa nalabo abayakukholwa yimi ngezwi labo;
21ukuze bonke babe munye; njengalokhu wena, Baba, ukimi, nami ngikuwe, ukuze nabo babe munye kithi, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.
22Nenkazimulo onginike yona ngibanikile bona; ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye;
23Mina ngikubo, lawe ukimi, ukuze bapheleliswe ebunyeni; ukuze izwe lazi ukuthi wena ungithumile, nokuthi ubathandile, njengalokho ungithandile mina.
24Baba, ngithanda ukuba labo onginike bona nabo babe nami lapho ngikhona; ukuze babone inkazimulo yami onginike yona, ngokuba wangithanda kungakasekelwa umhlaba.
25Baba olungileyo, izwe alikwazanga, kepha mina ngikwazile, nalaba bazi ukuthi wena ungithumile.
26Ngibazisile igama lakho, futhi ngizakulazisa ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.

Currently Selected:

Johane 17: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in