YouVersion Logo
Search Icon

Johane 15

15
Johane 15
1Mina ngingumvini weqiniso, noBaba ungumlimi.
2Amagatsha wonke akimi angatheli isithelo uyawasusa;
3Nina senihlambulukile ngezwi engilikhulume kini.
4Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele isithelo ngokwalo, ngaphandle kokuthi lihlala emvinini; anisakwazi, uma ningahlali kimi.
5Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho.
6Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashiswe.
7Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, niyakukwenzelwa.
8UBaba uyakhazinyuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi; kanjalo niyakuba ngabafundi bami.
9Njengalokhu uBaba engithandile, nami nginithandile; hlalani othandweni lwami.
10Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami; njengalokhu nami ngigcinile imiyalo kaBaba, ngihlezi othandweni lwakhe.
11Lezizinto ngizikhulume kini, ukuze intokozo yami ihlale kini, lokuthi intokozo yenu igcwale.
12Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile.
13Akakho onothando olukhulu kunalolu, lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabangane bakhe.
14Ningabangane bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.
15Kusukela manje anginibizi ngokuthi izinceku; ngokuba inceku ayikwazi okwenziwa inkosi yayo; ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona.
16Aningikhethanga mina, kodwa mina nginikhethile, nganimisela ukuba nihambe, nithele isithelo, nesithelo senu sihlale, ukuze noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.
17Nginiyala lezi zinto ukuba nithandane.
18Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu.
19Uma beningabezwe, izwe belizothanda okwalo, kepha ngokuba ningesibo abezwe, kodwa nganikhetha mina ezweni, ngalokho izwe liyanizonda.
20Khumbulani izwi engalikhuluma kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo. Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma beligcinile izwi lami, bayakuligcina nelenu.
21Kepha konke lokhu bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.
22Uma bengingafikanga ngakhuluma kubo, ngabe abanasono;
23Ongizondayo uzonda noBaba.
24Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;
25Kodwa lokhu kwenzeka ukuze kugcwaliseke ilizwi elilotshiweyo emthethweni wabo elithi: Bangizonda ngeze.
26Kodwa nxa esefikile uMduduzi, engizamthuma kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, yena uzafakaza ngami.
27Nani-ke nizafakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.

Currently Selected:

Johane 15: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in