YouVersion Logo
Search Icon

Abahluleli 2

2
AbaHluleli 2
Ingelosi ibonakala eGiligali
1Ingelosi kaJehova yenyuka isuka eGiligali, yaya eBogimi, yathi: “Nganikhuphula eGibithe, nganingenisa ezweni engalifungela oyihlo; ngathi: Angisoze ngaphula isivumelwano sami nani.
2Aniyikwenza isivumelwano nabakhileyo kuleli zwe; niyakuwadiliza ama-altare abo, kepha anililalelanga izwi lami. Kungani wenze lokho?
3Ngalokho nami ngathi: Angiyikubaxosha phambi kwakho; kodwa bayakuba njengameva ezinhlangothini zenu, onkulunkulu babo bayakuba lugibe kini.
4Kwathi ingelosi kaJehova ikhuluma lawo mazwi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu badazuluka bakhala.
5Baqamba leyo ndawo ngokuthi iBogimi, bahlabela uJehova khona.
6Lapho uJoshuwa emukisa abantu, abantwana bakwa-Israyeli baya, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe ukuba badle ifa lezwe.
7Abantu bamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nezinsuku zonke zamalunga ayesephila emva kukaJoshuwa ababona zonke izenzo ezinkulu zikaJehova azenzele u-Israyeli.
8UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi.
9Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnatha ezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba iGahashi.
10Sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise, kwavela esinye isizukulwane emva kwaso uJehova ayengasazi nemisebenzi ayeyenzele u-Israyeli.
11Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bakhonza oBali.
12Bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, balandela abanye onkulunkulu bezizwe ezazibazungeza, bakhothamela, bamcunula uJehova intukuthelo.
13Bamshiya uJehova, bakhonza oBali no-Ashitaroti.
14Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke, ukuze bangabe besakwazi ukuma phambi kwezitha zabo.
15Nomaphi lapho bephumela khona, isandla sikaJehova sasimelene nabo ngokubi, njengokukhuluma kukaJehova nanjengoba uJehova wayebathembisile ngesifungo; bakhathazeka kakhulu.
16Kodwa uJehova wavusa abahluleli ababasindisa esandleni salabo ababebaphanga.
17Nokho kabalalelanga abahluleli bawo, kodwa baphinga ngokulandela abanye onkulunkulu, babakhothamela. Kodwa kabakwenzanga lokho.
18Kwathi lapho uJehova ebavusela abahluleli, uJehova wayenaye umahluleli, wabasindisa esandleni sezitha zabo zonke izinsuku zomahluleli; ngokuba uJehova wazisola kubo, wakhala ngenxa yalabo ababebacindezela. Futhi wabacasula.
19Kwathi lapho esefile umahluleli, babuya futhi bonakalisa bona ngaphezu kwawoyise ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze futhi babakhothamele; abazange bayeke izenzo zabo kanye nezindlela zabo ezilukhuni.
20Intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli; wathi: “Ngokuba laba bantu beqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, bengalalelanga izwi lami;
21Futhi kusukela manje kuqhubeke ngeke ngixoshe muntu phambi kwabo ezizweni uJoshuwa azishiya lapho efa.
22Ukuze ngivivinye u-Israyeli ngabo uma bayakuyigcina indlela kaJehova ukuhamba ngayo njengalokho oyise bayigcina, noma qha.
23Ngalokho uJehova wazishiya lezo zizwe, angazixoshanga ngokuphangisa; futhi akabanikelanga esandleni sikaJoshuwa.

Currently Selected:

Abahluleli 2: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in