YouVersion Logo
Search Icon

U-Isaya 20

20
U-Isaya 20
1Ngomnyaka uTharithani afika ngawo e-Ashidodi, lapho uSarigoni inkosi yase-Asiriya emthuma, walwa ne-Ashidodi, wayithumba;
2Ngaso leso sikhathi uJehova wakhuluma ngo-Isaya indodana ka-Amose, wathi: “Hamba, ukhumule indwangu yesaka okhalweni lwakho, ukhumule izicathulo zakho onyaweni lwakho. Wakwenza, enqunu, engafakile nazicathulo.
3Wayesethi uJehova: “Njengokuba inceku yami u-Isaya yahamba ze futhi ingafakile izicathulo iminyaka emithathu, kube yisibonakaliso nesimangaliso phezu kweGibhithe neKushe;
4Kanjalo inkosi yase-Asiriya iyakuthumba abathunjwa baseGibithe, nabathunjwa bamaKushe, abasha nabadala, benqunu, nqunu, izinqe zabo zembuliwe, kube yihlazo laseGibithe.
5Bayakuba namahloni, babe namahloni ngeKushe ababelilindele, nangeGibithe inkazimulo yabo.
6Futhi abakhileyo kulesi siqhingi bayothi ngalolo suku: Bheka, lokhu kuyithemba lethu lapho esibalekela khona ukuze sithole usizo lokukhululwa enkosini yase-Asiriya; thina siyakuphunyuka kanjani na?

Currently Selected:

U-Isaya 20: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in