YouVersion Logo
Search Icon

Kwabase-Efesu 2

2
Kwabase-Efesu 2
1Nani uniphilise enanifile ngeziphambeko nezono;
2enanihamba kuzo endulo ngokwendlela yaleli zwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osebenza manje kubantwana bokungalaleli;
3Esasihamba phakathi kwabo sonke ezikhathini ezidlule ngezinkanuko zenyama yethu, sifeza izinkanuko zenyama nezengqondo; futhi ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabanye.
4Kodwa uNkulunkulu ocebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo.
5Nalapho sasifile ezonweni, wasiphilisa kanye noKristu, (ngomusa nisindisiwe;)
6Wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye ezindaweni zasezulwini kuKristu Jesu;
7ukuze abonakalise ezikhathini ezizayo inotho enkulu yomusa wakhe ngobubele kithi ngoKristu Jesu.
8Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;
9akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.
10Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle uNkulunkulu ayimisela ngaphambili ukuba sihambe kuyo.
11Ngakho khumbulani ukuthi nina enikade ningabezizwe enyameni, ababizwa ngokuthi abangakasoki ngalokho okuthiwa ngabasokile enyameni okwenziwa ngezandla;
12Ngalesosikhathi naningenaye uKristu, ningaphandle kombuso ka-Israyeli, ningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, ningenaNkulunkulu ezweni.
13Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude nisondele ngegazi likaKristu.
14Ngokuba yena ungukuthula kwethu, owenza kokubili kwaba-nye, wadiliza ugange oluphakathi oluhlukanisayo;
15Echithile ubutha enyameni yakhe, umthetho wemiyalo osezimisweni; ukuze enze kuye ngababili umuntu munye omusha, enze ukuthula;
16lokuthi enze ukuthi bobabili babuyisane loNkulunkulu emzimbeni munye ngesiphambano, esebulele ubutha ngaso;
17Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, nakubo abaseduze.
18Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngaMoya munye kuBaba.
19Ngakho-ke aniseyibo abezizwe nezihambi, kodwa niyizakhamuzi ezikanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu;
20Nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uJesu Kristu uqobo lwakhe eyitshe legumbi;
21okukuye isakhiwo sonke esihlanganiswe kahle sikhule sibe ithempeli elingcwele eNkosini;
22enibuye nakhiwe ndawonye kuye, nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.

Currently Selected:

Kwabase-Efesu 2: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in