YouVersion Logo
Search Icon

U-Amose 3

3
Amose 3
Kuyoba khona isitha emhlabeni wonke
1Zwanini leli zwi uJehova alikhulumayo ngani, bantwana bakwa-Israyeli, ngaso sonke isizukulwane engasikhipha ezweni laseGibithe, ethi:
2Ngazi wena wedwa ezizukulwaneni zonke zomhlaba; ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.
3Ababili bangahamba ndawonye bengavumelananga yini?
4Ingonyama ingabhonga yini ehlathini, ingenampango? Ibhongo lengonyama liyakhala emphandwini walo uma lingabambanga lutho na?
5Inyoni ingawela yini ogibeni emhlabeni, lapho ingekho umjibila? Umuntu angabamba ugibe emhlabeni, abambe lutho na?
6Kungashaywa icilongo emzini futhi abantu bangesabi? kuyakuba khona okubi emzini uJehova engakwenzanga na?
7Ngempela, uJehova akenzi lutho, kodwa uyembulile imfihlo yakhe ezincekwini zakhe, abaprofethi.
8Ingonyama ibhongile, ngubani ongayikwesaba na? iNkosi uJehova ikhulumile, ngubani ongayikuprofetha na?
9Lazisani ezindlini zobukhosi zase-Ashidodi nasezindlini zamakhosi ezweni laseGibithe, nithi: ‘Buthanani ezintabeni zaseSamariya, nibone isiyaluyalu esiphakathi kwabo nabacindezelweyo phakathi kwabo.
10Ngokuba abakwazi ukwenza okulungile, usho uJehova, oqongelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.
11Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Kuyakuba khona isitha ezweni nxazonke; uyakuhlwitha amandla akho kuwe, nezigodlo zakho ziphangwe.
12Usho kanje uJehova, uthi: “Njengomalusi ekhipha izidladla ezimbili emlonyeni wengonyama, nesicucu sendlebe; kanjalo abantwana bakwa-Israyeli bayakuthunjwa abahlala eSamariya ekhoneni lombhede naseDamaseku embhedeni.
13Zwanini, nifakaze endlini kaJakobe, isho iNkosi uJehova, uNkulunkulu Sebawoti,
14ukuthi mhla ngimhambela ngeziphambeko zikaIsrayeli, ngizahambela amalathi eBhetheli; izimpondo ze-altare ziyonqunywa futhi ziwe phansi.
15Futhi ngiyochitha indlu yasebusika kanye nendlu yasehlobo; izindlu zophondo lwendlovu ziyakubhubha, nezindlu ezinkulu ziphele,” usho uJehova.

Currently Selected:

U-Amose 3: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in