YouVersion Logo
Search Icon

2 kuThimothewu 2

2
KuThimothewu 2-2
1Ngakho wena, ndodana yami, qina emuseni okuKristu Jesu.
2Lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abanengi, lokho kubeke ebantwini abathembekileyo abazakuba lamandla okufundisa labanye.
3Ngakho wena khuthazelela ubunzima njengebutho elihle likaJesu Kristu.
4Akakho osempini ozifaka ezindabeni zalokhu kuphila; ukuze amthokozise omkhethileyo ukuba yisosha.
5Futhi uma umuntu encintisana, kathweswa umqhele, ngaphandle kokuthi encintisana ngokomthetho.
6Umlimi osebenzayo umelwe ukuba ngesabelo kuqala izithelo.
7Nakana engikushoyo; iNkosi ikunike ukuqedisisa ezintweni zonke.
8Khumbula ukuthi uJesu Kristu wavuswa kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami;
9engihlupheka ngakho kuze kube sekuboshweni njengomenzi wokubi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.
10Ngakho ngibekezelela izinto zonke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze labo bazuze usindiso olukuKristu Jesu, kanye lenkazimulo yaphakade.
11Likholekile izwi elithi: Ngokuba uma safa kanye naye, siyakuphila futhi kanye naye;
12uma sibekezela, siyakubusa kanye naye; uma simphika, naye uyakusiphika;
13Uma singakholwa, yena uhlala ethembekile, angeziphike.
14Bakhumbuze ngalezo zinto, ubayale phambi kweNkosi ukuthi bangaphikisani ngamazwi, okungasizi lutho, kodwa kubhubhise abezwayo.
15Khuphela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.
16Kepha inkulumo-ze eyize xwaye kuyo, ngokuba bayokwanda ekungahloniphi uNkulunkulu.
17Nezwi labo liyakudla njengesilonda esibhibhayo, okuphakathi kwabo uHimenewu noFiletu;
18Asebedukile ngeqiniso, besithi ukuvuka kwabafileyo sekudlulile; futhi ichitha ukholo lwabanye.
19Nokho isisekelo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu: INkosi iyabazi abangabayo. Futhi, Wonke obiza ibizo likaKristu kadede ebubini.
20Kepha endlini enkulu azikho izitsha zegolide nezesiliva kuphela, kodwa nezemithi nezebumba; lezinye ngezodumo, labanye ziyihlazo.
21Ngakho-ke uma umuntu ezihlanza kulezizinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esilungele umninindlu, esilungiselwe yonke imisebenzi emihle.
22Kepha balekela izinkanuko zobusha, kepha ulandele ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo emhlophe.
23Kodwa imibuzo yobuwula leyabangafundileyo uyigweme, wazi ukuthi izala ukuxabana.
24Inceku yeNkosi akufanele ilwe; kodwa abe mnene kubo bonke, ekwazi ukufundisa, ngokubekezela,
25Ubayala ngobumnene labo abamelana labo; uma mhlawumbe uNkulunkulu ebanika ukuphenduka ekulazini iqiniso;
26nokuba balulame ogibeni lukaSathane, ababanjwe nguye ngentando yakhe.

Currently Selected:

2 kuThimothewu 2: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy