YouVersion Logo
Search Icon

2 kwabaseThesalonika 2

2
KwabaseThesalonika 2-2
1Manje siyanincenga, bazalwane, ngokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu nangokubuthana kwethu kuyo.
2Ukuze ningasheshi unyakaziswe engqondweni, noma nethuswe, noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi ngokungathi ivela kithi, ngokungathi usuku lukaKristu selusondele.
3Maningadukiswa muntu nangayiphi indlela, ngokuba lolo suku aluyikufika, ngaphandle kokuthi kufike ukuhlubuka kuqala, ambulwe lowo muntu wesono, indodana yokulahlwa;
4Omeleneyo oziphakamisayo phezu kwakho konke okuthiwa nguNkulunkulu, nokukhonzwayo; kangangokuthi yena njengoNkulunkulu uhlala ethempelini likaNkulunkulu, ezibonisa ukuthi unguNkulunkulu.
5Anikhumbuli yini ukuthi ngisenani nganitshela lokho na?
6Manje niyakwazi okumbambileyo ukuba ambulwe ngesikhathi sakhe.
7Ngokuba imfihlakalo yokungalungi isiyasebenza;
8Khona kuyakwambulwa lowo omubi, iNkosi eyakumqeda ngomoya womlomo wayo, imbhubhise ngokubonakala kokufika kwayo;
9Yena lowo ukufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo wonke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga;
10nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo; ngoba kabamukelanga uthando lweqiniso, ukuze basindiswe.
11Ngalokho-ke uNkulunkulu uyakubathumela ukuduka okunamandla, ukuze bakholwe amanga;
12ukuze balahlwe bonke abangakholwanga iqiniso, kepha bejabulela ukungalungi.
13Kepha thina simelwe ukubonga njalo kuNkulunkulu ngani, bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba kwasekuqaleni uNkulunkulu wanikhethela ukusindiswa ngokungcweliswa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso;
14anibizela kukho ngevangeli lethu, ekuzuzeni inkazimulo yeNkosi yethu uJesu Kristu.
15Ngakho-ke, bazalwane, yimani niqine, nibambe amasiko enawafundiswa, noma ngezwi noma ngencwadi yethu.
16Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithandayo nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle;
17aduduze izinhliziyo zenu, aliqinise kuwo wonke amazwi nemisebenzi emihle.

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in