YouVersion Logo
Search Icon

1 kuThimothewu 3

3
KuThimothewu 1-3
1Liqinisile izwi elithi: Uma umuntu efisa isikhundla sombonisi, unxanela umsebenzi omuhle;
2Ngakho umbhishobhi umelwe ukuba ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, eqaphile, eqondileyo, eziphatha kahle, ephatha kahle izihambi, enekhono lokufundisa;
3Ongadakwanga iwayini, ongesiye oshayayo, ongahaheli inzuzo embi; kodwa ibekezele, ingabi yingxabano, ingabi ngabahahayo;
4ongamela kahle owakhe umuzi, enabantwana abamthobela ngakho konke ukuhlonipheka;
5(Ngokuba uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na?)
6angabi ngosafufusa, funa azikhukhumeze awele ekulahlweni kukaSathane.
7Phezu kwalokho umelwe ukunobufakazi obuhle kwabangaphandle; funa awele esihlazweni nasogibeni lukaSathane.
8Ngokunjalo namadiyakoni amelwe ukuba nesizotha, angabi ndimimbili, angabi ngabanakwa kakhulu, angahaheli inzuzo embi;
9nibambe imfihlakalo yokukholwa kunembeza omhlophe.
10Nalaba mabaqale bahlolwe; khona-ke mabasebenzise isikhundla sobudikoni bengasoleki.
11Kanjalo omkabo mababe nesizotha, bangabi ngabahlebi, abaqondileyo, abathembekile ezintweni zonke.
12Amadiyakoni mawabe ngamadoda amfazi munye, abusa kahle abantwana nemizi yawo.
13Ngokuba abakhonze kahle bazizuzela udumo oluhle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu.
14Lezizinto ngikubhalela zona, ngethemba lokuza kuwe masinyane;
15Kepha uma ngilibala, ukuze wazi ukuthi kufanele ukuziphatha kanjani endlini kaNkulunkulu, eyibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.
16Futhi ngokungangabazeki inkulu imfihlakalo yokumesaba uNkulunkulu: UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, wakholeka emhlabeni, wemukelwa enkazimulweni.

Currently Selected:

1 kuThimothewu 3: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in