YouVersion Logo
Search Icon

1 kwabaseKorinte 3

3
1 kwabaseKorinte 3
1Nami-ke, bazalwane, bengingenakukhuluma kini njengakwabomoya kepha njengakwabenyama, njengakwabayizingane kuKristu.
2Nganipha ngobisi, hhayi ngokudla okudliwayo, ngokuba beningakakwazi ukukuthwala, namanje anikwazi.
3Ngokuba nisengabenyama;
4Ngoba nxa omunye esithi: Mina ngingokaPawuli; omunye: Mina ngingoka-Apholo; anisibo abenyama na?
5Pho ungubani uPawulu, no-Apholo uyini, kodwa izikhonzi enakholwa ngazo, njengalokho iNkosi yamnika yilowo nalowo?
6Mina ngatshala, u-Apholo wanisela; kodwa uNkulunkulu wakhulisa.
7Ngakho-ke otshalayo kalutho, noniselayo kalutho; kodwa uNkulunkulu okhulisayo.
8Kepha otshalayo noniselayo bamunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomshikashika wakhe.
9Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.
10Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengomakhi ohlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kodwa yilowo nalowo makaqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso.
11Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu.
12Kepha uma umuntu akha phezu kwalesi sisekelo ngegolide, nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nezinhlanga;
13Umsebenzi walowo nalowo uyakubonakaliswa, ngokuba usuku luyakuwudalula, ngokuba uyakwambulwa ngomlilo; nomsebenzi walowo nalowo umlilo uyakuvivinya ukuthi unjani.
14Uma umsebenzi womuntu awakhileyo phezu kwalokho umi, uyakwamukeliswa umvuzo.
15Uma umsebenzi womuntu usha, uyakulahlekelwa nguye, kepha yena ngokwakhe uyakusindiswa; nokho kungathi ngomlilo.
16Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na?
17Uma umuntu engcolisa ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumchitha lowo; ngoba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele, eliyilo lina.
18Makungabikho ozikhohlisayo. Uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kuleli zwe, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.
19Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo.
20Futhi: INkosi iyayazi imicabango yabahlakaniphileyo ukuthi iyize.
21Ngakho makungabikho ozibonga ngabantu. Ngokuba konke kungokwakho;
22noma uPawulu, noma u-Apholo, noma uKhefase, noma izwe, noma ukuphila, noma ukufa, noma okukhona, noma okuzayo; konke kungokwakho;
23Nina-ke ningabakaKristu; loKristu ungokaNkulunkulu.

Currently Selected:

1 kwabaseKorinte 3: CZB24

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in