1 IziKronike 10
10
1 IziKronike 10
AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe kalukhuni, kwaze kwaba sekufeni kukaSawule
1AmaFilisti alwa no-Israyeli; amadoda akwa-Israyeli abaleka phambi kwamaFilisti, awa ebulewe ezintabeni zaseGilibowa.
2AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule.
3Impi yaba nzima kuSawule, abacibishelayo bamshaya, walinyazwa abacibishelayo.
4USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo; hlezi laba abangasokile beze banginukubeze. Kodwa umthwali wezikhali zakhe wala; ngoba wayesaba kakhulu. USawuli wasethatha inkemba wawela phezu kwayo.
5Lapho udibi lwezikhali zakhe lubona ukuthi uSawule ufile, lwawela phezu kwenkemba, lwafa.
6Ngakho uSawule namadodana akhe amathathu nabo bonke abendlu yakhe bafa kanyekanye.
7Lapho bonke abantu bakwa-Israyeli ababesesigodini bebona ukuthi babalekile nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka; afika amaFilisti, ahlala khona.
8Kwathi ngangomuso lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo, afumana uSawule namadodana akhe bewile entabeni yaseGilibowa.
9Ngemva kokumhlubula, athatha ikhanda lakhe nezikhali zakhe, akuthumela ezweni lamaFilisti nxazonke ukuze kubikele izithombe zawo nakubantu.
10Azibeka izikhali zakhe endlini yawonkulunkulu bawo, amisa ikhanda lakhe ethempelini likaDagoni.
11Lapho lonke iJabeshi eGileyadi likuzwa konke amaFilisti ayekwenzile kuSawule,
12Aqeda, onke amadoda anesibindi, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe, aziyisa eJabeshi, angcwaba amathambo awo phansi komuthoni eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.
13Wafa-ke uSawule ngenxa yesiphambeko sakhe asenza ngaso kuJehova, ephambene nezwi likaJehova angaligcinanga, nangokuba wacela iseluleko kumuntu onomoya owaziwayo ukuba ambuze;
14Akabuzanga kuJehova; ngalokho wambulala, wabunikela ubukhosi kuDavide indodana kaJese.
Currently Selected:
1 IziKronike 10: CZB24
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Contemporary Zulu Bible
Copyright © 2024, by City Bible Foundation ®
Used by permission of City Bible Foundation ® All rights reserved worldwide.