UZakhariya 7
7
Ukuzila Ukudla Nokwakhiwa Kabusha Kwethempeli
UZak. 7 – 8
1Kwathi ngonyaka wesine wokubusa kwenkosi uDariyu izwi likaSimakade lafika kuZakhariya ngosuku lwesine ngenyanga yesishiyagalolunye, kuKhisilevi. 2IBhethele lalithume uSharezeri, noRegemu Melekhi nabantu babo ukuyonxusa ebusweni bukaSimakade, 3nokukhuluma kubaphristi abasendlini kaSimakade Wamabandla nakubaphrofethi, bathi: “Ngikhale yini ngenyanga yesihlanu, ngizile, njengoba ngenzile kule minyaka eminingi kangaka, na?”
4Kwase kufika kimi izwi likaSimakade Wamadla, lathi: 5“Buza kubo bonke abantu bezwe nakubaphristi, uthi: ‘Ekuzileni nasekulileni kwenu ngenyanga yesihlanu neyesikhombisa kule minyaka engama-70 ngabe ngempela nanizilele Mina yini na? 6Lapho nidla niphuza, anizidleli, niziphuzele nina yini na? 7Akusiwo yini amazwi lawa uSimakade awamemezela ngesandla sabaphrofethi bakuqala, lapho iJerusalema lalihleli ngokuthula, imizi yalo elizungeze nxazonke, iNegevu namagquma kwakuhleli ngokuthula na?’ ”
8Izwi likaSimakade lafika kuZakhariya, lathi: 9“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Yehlulelani izehlulelo eziliqiniso, nibe nokwethembeka nozwelo, kube yilowo nalowo komunye. 10Ningacindezeli abafelokazi, izintandane, abafokazi, nabampofu. Kungabi bikho odlinzela omunye okubi enhliziyweni yakhe.’
11“Kepha benqaba ukulalela, bapikla, bavala izindlebe zabo ukuba bangezwa. 12Benza izinhliziyo zabo zaba lukhuni njengetshe, ukuba bangawuzwa umthetho namazwi uSimakade Wamabandla akuthumele ngoMoya wakhe ngesandla sabaphrofethi bakuqala; ngalokho uSimakade Wamabandla wathukuthela kakhulu.
13“ ‘Kwathi nakuba ebabiza, kodwa abalalelanga, kanjalo-ke nabo bayakungibiza, kepha angiyukubalalela,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.
14“ ‘Ngiyakubaphephulela kude kuzo zonke izizwe abangazazi. Izwe selisele liyincithakalo, akekho odlulayo nobuyayo kulo, ngokuba izwe elihle balenze laba yincithakalo.’ ”
Currently Selected:
UZakhariya 7: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.