YouVersion Logo
Search Icon

ISihlabelelo Sezihlabelelo 3

3
Isihlabelelo Sothando Sisaqhubeka (2)
1 Ebusuku embhedeni wami
ngamfuna othandwa ngumphefumulo wami;
ngamfuna, kodwa angimtholanga.
2 Manje ngizovuka ngizungeze emzini,
emigwaqweni nasemashashalazini,
ngizomfuna othandwa ngumphefumulo wami.
Ngamfuna, kodwa angimtholanga.
3 Abalindi abazungeza emzini,
bazithela phezu kwami:
“Animbonanga yini othandwa ngumphefumulo wami na?”
4 Ngithe nje ukwedlula kancane kubo,
ngase ngizithela kothandwa ngumphefumulo wami.
Ngambamba, ngamnkonkoshela
angavuma ukuba ahambe,
ngaze ngamfaka endlini kamame,
nasekamelweni lalowo engavundla esiswini sakhe.
Insizwa:
5 Madodakazi aseJerusalema,
fungani nigomele ngezinsephe,
noma ngezindluzelakazi zasendle;
ngeke naluvusa uthando.
Luyekeni luziqubukele lona ngokwalo!
Isihlabelelo Sothando (3)
Abangani:
6 Ngubani lowaya oqhamuka ehlane,
onjengesikhatha sentuthu,
eqhole ngemure nangenhlaka,
nangawo wonke amakha omthengisi na?
7Bheka, umbhede wakhe ngokaSolomoni!
Uzungezwe ngamaqhawe angamashumi ayisithupha
emaqhaweni ka-Israyeli.
8 Wonke aphethe izinkemba,
aqeqeshelwe impi,
yileyo naleyo ndoda,
inkemba yayo isenqulwini yayo,
ngenxa yokwesaba ebusuku.
9Inkosi uSolomoni izenzele indlwana yayo
yokuyithwala ngemithi yaseLebhanoni.
10 Izinsika zayo yazenza ngesiliva,
iphansi layo ngegolide,
isihlalo sayo ngokubukhwebezane,
ingaphakathi layo ligandaywe ngothando,
ngamadodakazi aseJerusalema.
11 Madodakazi aseZiyoni, phumani nibuke,
inkosi uSolomoni ihlobe ngomqhele wayo
eyawuqheliswa ngunina mhlazana igcagcelwa,
ngosuku lokuthokoza kwenhliziyo yayo.

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in