YouVersion Logo
Search Icon

ISambulo 21

21
Izulu Elisha Nomhlaba Omusha
1 Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, nolwandle alusekho. 2 Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ovunuliselwe umyeni wakhe. 3 Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Ithabanakeli likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, Yena abe nguNkulunkulu wabo. 4 Uyakuzesula zonke izinyembezi emehlweni abo. Ukufa akusayukuba khona; ukudabuka, ukukhala, nobuhlungu akusayukuba khona, ngokuba okokuqala kudlulile.” 5 Ohleli esihlalweni sobukhosi wayesethi: “Manje ngenza konke kube kusha.”
Wathi: “Loba, ngokuba lawa mazwi athembekile, futhi aliqiniso.”
6 Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila. 7 Onqobayo uyakudla ifa lalezo zinto, futhi ngiyakuba nguNkulunkulu kuye, yena abe yindodana kimi.
8 “Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”
Inkazimulo YeJerusalema Lasezulwini
9 Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezaziphethe izitsha eziyisikhombisa zigcwele izinhlupheko zokugcina eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: “Woza, ngikukhombise umlobokazi, umakoti weWundlu.”
10 Yahamba nami ngikuMoya, yaya nami entabeni enkulu nephakeme, yangikhombisa umuzi ongcwele, iJerusalema, wehla ezulwini kuNkulunkulu. 11 Wawunenkazimulo kaNkulunkulu; ukucwazimula kwawo kunjengetshe eliyigugu sengathi yitshe ijasphi elicwebezelayo. 12 Wawunogange olukhulu noluphakeme, unamasango ali-12; emasangweni kukhona izingelosi ezili-12, kuwo kulotshwe amagama ezizwana ezili-12 zakwa-Israyeli. 13Ngasempumalanga kwakunamasango amathathu, ngasenyakatho kunamasango amathathu, ngaseningizimu kunamasango amathathu, nangasentshonalanga kunamasango amathathu. 14 Ugange lomuzi lwalunezisekelo ezili-12, phezu kwazo kulotshwe amagama abaphostoli beWundlu abali-12.
15 Owayekhuluma nami wayephethe induku yegolide yokulinganisa, ayezolinganisa ngayo umuzi, amasango awo, nogange lwawo. 16Umuzi wawunezinhlangothi ezine, ubude bawo bulingana nobubanzi bawo. Wawukala umuzi ngenduku; ubude, ububanzi, nokuphakama kwawo kwakulingana, kungamastadiyu ayizi-12 000. 17Walukala nogange lwawo, lwalungamakhubhithi ayi-144, ngokulinganisa kwengelosi, okungokwabantu futhi. 18 Ugange nalo lwalwakhiwe ngejasphi, umuzi wenziwe ngegolide elihle elinjengengilazi ecwebezelayo. 19Izisekelo zogange lomuzi zihlotshiswe ngawo wonke amatshe ayigugu. Isisekelo sokuqala kwakuyijasphi, esesibili kuyisafire, esesithathu kuyikhalkedoni, esesine kuyisimaragidu, 20esesihlanu kuyisaridonikisi, esesithupha kuyisardiyu, esesikhombisa kuyikhrisolithe, esesishiyagalombili kuyibherile, esesishiyagalolunye kuyithophazi, eseshumi kuyikhrisophrasi, ese-11 kuyihiyakhinte, ese-12 kuyi-amethiste. 21Amasango ali-12 ayengamapharele ali-12; yilelo nalelo sango ngalinye, laliyipharele elilodwa. Umgwaqo womuzi wawuyigolide elicwengekileyo, elifana nengilazi ekhanyayo.
22Angilibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu, uSomandla, iyithempeli lawo kanye neWundlu. 23 Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuze kuwukhanyise, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nesibani sawo yiWundlu. 24 Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba alethe kuwo ubukhosi bawo. 25 Amasango awo awasoze avalwa emini, ngokuba ubusuku abuyukuba bikho lapho. 26 Bayakuletha kuwo ubukhosi nodumo lwezizwe. 27 Akukho lutho olungcolileyo oluyakungena kuwo nanini, owenza amanyala noqamba amanga, kuphela labo abalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu.

Currently Selected:

ISambulo 21: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in