YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 91

91
USimakade Ungumlondolozi
1Lowo ohlala emphemeni woPhezukonke
akhosele emthunzini kaSomandla,
2uyothi kuSimakade:
“Uyisiphephelo sami nenqaba yami,
unguNkulunkulu wami engethembele kuye.”
3Ngokuba nguYena oyokuhlenga ogibeni
lomcuphi nasobhubhaneni,
4uyokusibekela ngezimpaphe zakhe,
uphephele phansi kwamaphiko akhe,
ukwethembeka kwakhe kuyisihlangu nogange.
5Awuyukwesaba okwesabisayo ebusuku,
nomcibisholo ondizayo emini,
6nobhubhane oluhamba ebumnyameni,
nesifo esibhubhisayo emini bebade.
7Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho,
nabayizinkulungwane ezilishumi ngakwesokunene sakho,
kodwa akuyukukuthinta wena.
8Uyobona ngamehlo akho,
ubone izikhohlakali zijeziswa.
9Ngokuba uSimakade umenze wayisiphephelo sakho,
oPhezukonke waba yinqaba yakho.
10Okubi akuyukukwehlela,
nesifo asiyukusondela ethendeni lakho.
11Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe,
zikulondoloze ezindleleni zakho zonke.
12Ziyokuphakamisa ngezandla zazo,
unyawo lwakho aluyukuqhuzulwa yitshe.
13Uyonyathela ingonyama nebululu,
ufihlize phansi ibhongo lengonyama nodrago.
14Ngoba ubambelele kimi, ngizomhlenga, ngimvikele,
ngokuba walazi iGama lami.
15Uyakungibiza, ngimphendule,
ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule,
ngimenze abe nodumo.
16Ngiyomsuthisa ngobude bezinsuku zokuphila,
ngimbonise insindiso yami.

Currently Selected:

AMahubo 91: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy