YouVersion Logo
Search Icon

AMahubo 67

67
Ukubonga Izibusiso ZikaNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo
1UNkulunkulu makabe nomusa kithi, asibusise,
makakhanyise ubuso bakhe phezu kwethu, Sela
2ukuze indlela yakho yaziwe emhlabeni,
insindiso yakho, kubo bonke abezizwe.
3Abantu mabakubonge, Nkulunkulu,
ubongwe ngabantu bonke.
4Izizwe mazijabule, zihube ngentokozo,
ngokuba abantu ubehlulela ngokulunga,
uhole izizwe emhlabeni. Sela
5Abantu mabakubonge, Nkulunkulu,
ubongwe ngabantu bonke.
6Umhlaba uthele izithelo zawo,
uNkulunkulu wethu usibusisile.
7Sengathi uNkulunkulu angaqhubeka asibusise,
yonke imikhawulo yomhlaba imesabe.

Currently Selected:

AMahubo 67: ZUL20

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in