AMahubo 60
60
Umkhuleko Wocela Ukusizwa Ezitheni
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: umnduze; ubufakazi. IMiktamu likaDavide, ekulweni kwakhe nama-Aramu naharayimi nama-Aramu Zoba, uJowabe ebuya, enqoba abakwa-Edomi eSigodini Sikasawoti abayizi-12 000
1Nkulunkulu usilahlile, usibhubhisile,
ngoba usithukuthelele;
ake usivuselele futhi.
2Uwuzamazamisile umhlaba, wawuqhekeza,
zivale izimfa zawo,
ngokuba uyazamazama.
3Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima,
wasiphuzisa iwayini, sadiyazela.
4Abakwesabayo ubanike ifulegi
ukuba baliphakamise ngenxa yeqiniso. Sela
5Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe,
sindisa ngesandla sakho sokunene, usiphendule.
6UNkulunkulu ukhulumile esebungcweleni bakhe, wathi:
“Ngizokunqoba, ngihlukanise iShekemi,
ngisilinganise iSigodi iSukhothi.
7UGileyadi noManase bangabami,
u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami,
uJuda uyintonga yami yokubusa.
8UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela,
ngiphonsa isicathulo sami phezu kuka-Edomi.
Filistiya, hlokoma ngenjabulo ngenxa yami.”
9Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na?
Ngubani oyakungiholela kwa-Edomi na?
10Nkulunkulu, akuWena yini osilahlileyo na?
Awusaphumi namabutho ethu, Nkulunkulu.
11Sisize esitheni,
ngokuba ukuhlenga kwabantu kuyize.
12Sizonqoba ngoNkulunkulu;
Yena uzozinyathela izitha zethu.
Currently Selected:
AMahubo 60: ZUL20
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.